I-EFF ishaya phansi ngonyawo ithi umholi wayo uMnuz Julius Malema akasoze abuyela kwi-ANC. Lokhu kungemuva kokuthi uNdunankulu waseMpumalanga uMnuz David Mabuza ethe bangakujabulela ukuthi uJuju nabanye abaholi abahamba babuyele ekhaya.
Okhulumela i-EFF kuzwelonke, uMnuz Mbuyiseni Ndlozi, uthe uMalema akasoze anxenxwa ngumuntu ofana noMabuza.
“UMalema akasoze anxenxwa ukuthi abuyele kwi-ANC yindodana kaMengameli Jacob Zuma yokuqala uma kuziwa ekwenzeni inkohlakalo. U-DD Mabuza ufana nendodana yokuqala kaZuma uma kuziwa ekucekelweni phansi kwezinsiza zikahulumeni nasekwebeni imali,” kusho uNdlozi.
UNdlozi uthe uMabuza usebenzisa igama likaMalema ukuze azidumise njengoba kubhekwe engqungqutheleni yokukhetha ubuholi be-ANC ngoDisemba.
UNdlozi uthe uMalema ngeke ayishiye i-EFF.
Ekhuluma engqungqutheleni ye-ANCYL eMbombela, uMabuza ophinde abe ngusihlalo we-ANC eMpumalanga, uthe bangakujabulela ukuthi wonke amalungu abo ashiya umbutho ngenxa yokungaboni ngaso linye kubalwa noMalema ukuthi babuye enhlanganweni.
Uthe i-ANC ibuthaka ngaphandle kukaMalema, wengeza ngokuthi ukubuya kwakhe kungayiqinisa inhlangano.
Muva nje uMalema usanda kuthi iqembu lakhe angaliqeda uma i-ANC ingaqala uhlelo lokuthatha umhlaba kwabamhlophe ngaphandle kokubanxephezela.
I-ANCYL KwaZulu-Natal ithe iyaliseka ikhwelo likaMabuza lokuthi uMalema abuye.
UNobhala we-ANCYL KwaZulu-Natal, uMnuz Thanduxolo Sabelo, uthe kodwa uMalema akumele alindele ukuthi uma kwenzeka ebuya uzonikwa isikhundla.
“Uma ebuya uzoya emagatsheni ayosebenza khona hhayi ukuthi abe ngumholi,” kusho uSabelo.
UMalema, iPhini lakhe uMnuz Floyd Shivambu noMnuz Sindiso Magaqa batholwa benamacala ehlukene kubalwa nokuphula imigomo ye-ANC yikomiti eliqondisa ubugwegwe ngo-2012, bathola izigwebo ezahlukene.
La macala enzeka ngesikhathi bobathathu laba baholi besahola i-ANCYL.
UMalema wakhonjwa indlela, kwathi uShivambu ubulungu bakhe bamiswa iminyaka emithathu.
UMagaqa walengiselwa isigwebo sokuthi ubulungu bakhe bumiswe iminyaka emithathu.
USabelo uthe oMalema sebesiqedile isigwebo sabo njengoba bagwetshwa ngo-2012.
Umhlaziyi wezepolitiki ozimele, uSolwazi Bheki Mngomezulu, uthe uma ebuka ekude akaboni uMalema ebuyela kwi-ANC.
“Bangawanxenxa amanye amalungu abuye kodwa ngeke uMalema,” kusho uMngomezulu.
Uthe inhlangano isiqala ukwamukela ukuthi isimo sinzima njengoba seyenza leli khwelo lokuthi kubuye amalungu asahamba.
“Uma ubheka kwi-ANC sekuphume i-Cope ne-EFF lokho kunomthelela omubi ezinombolweni zikaKhongolose uma kuyiwa okhethweni,” kusho uMngomezulu.
Omunye umhlaziyi wezepolitiki ozimele, uMnuz Thabani Khumalo, uthe uMabuza uzama ukuzidumisa njengoba kuyiwa engqungqutheleni kaDisemba.
Omunye umhlaziyi wezepolitiki ozimele, uMnuz Protas Madlala, uthe yiphupho nje leli likaMabuza lokuthi uMalema abuyele kwi-ANC.
UMadlala uthe ngokwejwayelekile amalungu ashiye iqembu ngenxa yezizathu ezithile uma esefuna ukubuya ayamukelwa.
UMadlala uthe akakhumbuli kukhona umholi oxoshwayo kwi-ANC aphinde abonakale ebuya.