IKHABHINETHI inqume ukuthi uMnyango weMfundo eyisiSekelo uqhubeke nokuxhasa abafundi abafuna ukuba ngothisha ngomfundaze iFunza Lushaka.
Lokhu kulandela ucwaningo olwenziwe yiKhabhinethi ukubheka ukuthi ngabe sisekhona yini isidingo salo mfundaze inhloso yawo okungukuxhasa othisha abazofundisa izifundo imaths, sayensi, accounting nezinye emakhaya.
UNgqongqoshe ehhovisi likaMengameli, uMnuz Jeff Radebe, ekhuluma esithangamini nabezindaba izolo eKapa, uthe banqume ukuthi kuqhutshekwe ikhishwe imifundaze eyaqala ukukhishwa ngo-2007.
Uthe inhloso yayo wukuthola othisha abaneziqu abazofundisa imikhakha ethile.
“Umfundaze ubalulekile ukuze wandise isibalo sothisha. Kunanohlelo lomfundaze olwaqala ngo-2012 lokusiza abafundi abahlala ezifundeni ezehlukene,” kusho uRadebe.
Okhulumela umnyango wemfundo eyisiSekelo, uMnuz Elijah Mhlanga, uthe iKhabhinethi ibibuyekeza isidingo somfundaze kusuka wasungulwa.
Uthe basanda kuthula umbiko kwiKhomishini ephenya ngemfundo yamahhala lapho bekhulume ngokubaluleka kwalo mfundaze.
“Ezinye zezinto esazithula ngukuthi uhlelo lokufuna abafundi basezifundeni zasemakhaya luyasiza ngoba sithola abantu abahlala endaweni abazoqeda ukufunda babuyele bayofundisa ngasemakubo.Kunemifundaze engu-2 000 esiyibekele labo bafundi,” kusho uMhlanga.
Uthe inhloso yemifundaze wukuvala igebe lokushoda kothisha wathi abafundi abayibuyisi imali abaxhaswe ngayo uma sebeqedile
kodwa basebenza ezikoleni zikahulumeni.
Umbiko othulwe ngumnyango kukhomishini uveza uthi ngonyaka bangaphezulu kuka-14 000 abafundi abaxhaswa wumnyango.
Isibalo sabafundi abaxhaswayo abazofundisa imaths, accounting, economics, sayensi, geography nelife sciences.
“U-75% wabafundi abaxhaswayo ngabamnyama kuze abamhlophe namaKhaladi kugcine amaNdiya.
“Kuxhaswa kakhulu labo abenza umkhakha i-FET (Grade 10 kuya kuGrade 12),” kusho umbiko womnyango.
Umbiko uveze ukuthi uqala ngo-2007 babengu-3 669 abafundi abaxhaswa kanti nyakenye babengu-14 343.
Ukushoda kothisha
kwenze kwaba neziphakamiso zokuthi kuvulwe kabusha amakolishi ayeqeqesha
othisha avalwa ngama-90s.
Kunesikhalo sokuthi
minyaka yonke baningi othisha abashiya ukufundisa ngoba sebethatha umhlalaphansi,
abanye basuke befuna imali
bese beshaya isdudla kodwa sincane isibalo sabakhiqizwa amanyuvesi.