UNakanjani Sibiya ungomunye wababhali besiZulu baseNingizimu Afrika abavelele nasebekhiqize kakhulu. Usezuze indathane yemiklomelo futhi usebhale yedwa, wabhala nabanye futhi wahlela imibhalo engaphezu kwamashumi amahlanu eminxeni enhlobonhlobo
Ziningi izizathu okuye kuthiwe yizona eziyimbangela yokuba abantu bakithi bakwenqene kangaka ukufunda. Iningi lalezo zizathu liyizaba nje ezingathi shu futhi esingeke sagxila kuzo ngoba ziwumshonisalanga. Okugcina sekugqama nokho ngukuthi indaba yokungakuthandisisi ukufunda igcina isiyinkombankombane. Bonke abathintekayo kule ndaba bayazihlangula bethi kalingethweswa bona kuphela icala lokungachumi kwesiko lokufunda. Kuqala bona nje abantu okufanele ngabe bayafunda; babalise ngokuthi bazofundani kungekho abazokufunda; bakhale ngokuthi okuningi kokufunda kubhalwe ngesiNgisi abangasiqondi kuyaphi. Labo okufanele bakhiqize okokufunda bazihlangula ngokuthi kuyizindleko ezingenasidingo ukushicilela izincwadi ezingezukufundwa muntu.
Yebo, ziningi izizathu. Sengathi kodwa inkinga isuka kude ekutheni abantu abaningi sebazithela ngabandayo nje, kabanandaba kangako nezinto ezibazungezile. Kabasiboni isidingo sokufunda kuzo nesokufunda ngazo. Lokhu kwenza singaphembeki isidingo sokuba kubhalwe izincwadi noma kushicilelwe ulwazi oluphathelene nezinto ezithile. Ngokwesibonelo nje, abantu abaningi kabazihluphi kangako ngezinto eziphathelene nomlando nemvelaphi yabo; beneliswe yilolo lubadlana nje abalwaziyo. Nalolo lubadlana kabanandaba kangako nokuzikhathaza nokuqikilela ukuba lusabalaliswe noma lugcinelwe abanye. Abantu abaningi nanxa bewagcina amasiko kodwa kabanandaba kangako nawo; bawagcina ngoba sebephoqwa yizimo ezithile. Yikho nje amasiko amaningi esaxoveka, asonteka; amanye agcina eseyimisangano yemikhuba; amanye agcina eseshabalele ngenxa yokuphunza kolwazi.
Kuyedusa kakhulu ukuba uma kukhulunywa ngokufunda kucatshangwe incwadi noma izinto ezibhaliwe kuphela. Uma kukhuthazwa abantu ngokufunda kufanele kuqalwe ngokuthi bakhuthazwe ukuba bathande futhi babe nolwazi ngezinto ezibazungezile nezinto ezibalulekile ezingamagugu kubona. Lolo lwazi abanalo mabakhuthazwe ukuba balubhale phansi ukuze lufundwe ngabanye ngomuso. Ulwazi abangenalo mabalwethekele ngokulufuna kwabanye noma kweminye imithombo yolwazi. Lokhu kungasiza ekutheni kube nobufakazi besidingo sohlobo oluthile lwezincwadi noma ulwazi abantu abalufunayo kodwa abangalutholi kalula noma abangalutholi nhlobo. Ngamanye amazwi uma abantu behlale bebalisa ngokungatholakali kolwazi oluthile kungabalula ukuba kushicilelwe incwadi enalolo lwazi ngoba singabe sicacile isidingo sayo, kungangabazeki futhi nokuthi izothengwa ifundwe uma isishicilelwe.
Elinye iphutha ngukuba kukhuthazwe kuphela ukuba abantu bafunde ngezilimi zabo zebele; kube sengathi bakukhuthalele kakade ukufunda nangezinye izilimi ezinjengesiNgisi kanje. Iqiniso elibuhlungu ngukuthi kwasiNgisi leso abantu abaningi kabazihluphi kangako ngokufunda izinto ezibhalwe ngaso. Ngakho okufanele kugcizelelwe ngukuthi kabakukhuthalele ukufunda ngisho ngabe yisiNgisi kunokuba bangafundi nhlobo. Umuntu okhuthalele isiNgisi angasheshe abone ukuthi kuningi okungatholakali ngesiNgisi kodwa okutholakalayo olimini lwebele bese ekufunda ngolimi lwakhe.
Kakulona ihaba ukuthi kuningi okungatholakali ngesiNgisi kodwa okutholakala ngezilimi zethu kuphela. Ngokwesibonelo kazikho kahle esiNgisini izincwadi ezichaza ngokucacile izinkolelo namasiko esintu; ngakho kuba ngcono uma umuntu ezifundela lokhu ngolimi lwakhe ngoba ziyinsada ezilimini zomdabu izincwadi ezikhuluma ngalokhu. Ngamanye amazwi uma ufuna ukufunda ngesiko lokulobola ngeke kukusize kangako ukufunda incwadi yesiNgisi ngoba isiNgisi ngeke sibe nalo igama lengqaqamazinyo, umembeso, umqhoyiso, namanye amaningi.
Iphutha elikhulu nokho ngukuba abantu bacabange ukuthi izincwadi ezinhle nezibalulekile zitholakala ngesiNgisi kuphela. Iqiniso ngukuthi ziyindathane izincwadi ezibhalwe ngezilimi zomdabu. Ishwa nje ngukuthi kazifundwa muntu; ngakho kazaziwa muntu. Ezinye zigcina zingasashicilelwa kabusha ngenxa yokuthi ziduva zize zilale uthuli emashalofini ezitolo zezincwadi noma emitapo yolwazi.
Abanye baye babalise ngokungabi nasikhathi sokufunda. Kuyizaba nje lokhu ngoba isikhathi sento ebalulekile kuyampintshwa sakhiwe. Noma umatasatasa kangakanani ungayizama okungenani imizuzu eyishumi ngosuku uyisebenzise ekufundeni okuthile. Ngokwesibonelo nje iBhayibheli, okuyincwadi abaningi abanqenayo ukuyifunda bayiqede, kungaphela unyaka usulifunde waliqeda uma ungafunda isahluko esisodwa nje kuphela ngosuku. Abazali abazikhathazayo ngokufundela izingane zabo, ngisho imizuzu eyishumi nanhlanu ngosuku, bangazisiza izingane zabo ukuba kuphele unyaka sezifunde cishe amagama angama-900 000 ngonyaka okungenza lezi zingane zikujwayele ukude zifunda ngezikhathi ezithile; okuyinto ezingagcina seziyenze umkhuba omuhle impilo yazo yonke.