UMASIPALA weTheku usazoqhubeka nokuvala amathuna aseSeventini, eMlaza, osekuphele iminyaka emibili avalwa ngenxa yokusatshiswa kwabasebenza khona.
UMnuz Thembinkosi Ngcobo oyiNhloko yezamaPaki, ezokuNgcebeleka namaSiko uthe ngeke bawavule amathuna kungakaqinisekiswa ukuphepha kwabasebenzi nomphakathi. Utshele Isolezwe ukuthi amalungu omphakathi ayesuse udweshu asamile ekutheni afuna ukuqashwa ngenkani, kungaqashwa abantu bakwezinye izindawo.
“Akukho okushintshile ngendaba yaseSeventini. Akungcwatshwa kodwa kwembulwa amatshe kuphela. Sibe nemihlangano namaqembu ahlukene ngalolu daba kodwa akukho okuphumelelayo. Kunzima ngisho ukusika utshani nokulungisa amathuna ngenxa yalesi simo. Akulula ukunikeza imisebenzi abantu be-ward eyodwa futhi nomasipala ngeke ukwazi ukuqasha bonke abantu,” kusho uNgcobo.
Amathuna avalwa ngo-2015 ngoba amalungu omphakathi ayehlomile agasela ezosabisa abasebenzi bakamasipala, efuna ukuqashwa ngenkani. Abasebenzi bahlaselwe ngaphezu kweziqubu ezintathu.
Isolezwe lifike kula mathuna ngesonto eledlule kungekho ngisho unogada esangweni. Ilungu lomphakathi elakhe eduze namathuna lithe sekuwunyaka wesibili kungasangcwatshwa.
Kwenzeka lokhu nje kuthiwa ziyaphela izindawo zokungcwaba eThekwini, okungenzeka kushaye uJuni zingasekho.
Ekhuluma nephephandaba iMercury elinguzakwabo weSolezwe, uNksz Tozi Mthethwa okhulumela umasipala uthe bazama ukuvula amanye amathuna amadala okubalwa awaseNtuzuma ukubhekana nale ngwadla. Uthe banezithangami nezinhlaka ezahlukene ukubheka udaba lokulothiswa kwabantu, okuyilona olungaba yisisombululo.
Uveze nokuthi kunemali ebekwe eceleni ukuvuselela indawo yokulothisa eMobeni. Umasipala awuqali ukukhuthaza ukulothiswa kwabantu. Lolu daba lwake lwasusa umsindo, abamasiko bekhononda. Luphinde lwasusa umsindo nolokungcwaba emathuneni amadala njengoba ngoFebhuwari nyakenye umasipala wavela kwiKhomishini eVikela iNkolo, Amasiko neziLimi eholwa nguNkk Thoko Mkhwanazi-Xaluva. Ikhomishini yayifuna kumiswe ngokushesha ukungcwaba phezu kwamathuna amadala, ithi akuhambisani nesiko labantu.
OwayeyiMeya yeTheku, uMnuz James Nxumalo, wabhalela ikhomishini wathembisa ukubheka ezinye izindlela zokulwa nenkinga yokushoda kwezindawo zokungcwaba.
UMnuz Mzi Mngadi oyisazimasiko uthe ayikaze yamukeleke indaba yokulothiswa kwabamnyama.
“Ngokwesiko lethu umlilo awusondeli emzimbeni womuntu ngoba sikholelwa ukungcwaba ethuneni. Uma kulothiswa alibi khona ithuna okuyinto ebalulekile esikweni lethu ngoba sisebenzisa lona ukuxhumana nabangasekho,” kusho uMngadi.