OWAYENGUSIHLALO webhodi ye-SABC, uNkk Ellen Zandile Tshabalala, kulindeleke ukuba adalule amagama osopolitiki abagxambukela ekusebenzeni kweSABC. La magama uzowadalula embikweni obhaliwe azowudlulisela ekomitinini lePhalamende eliphenya ngokusebenza kweSABC.
Lokhu ukuqinisekise ngesikhathi evele kulona, wathi namuhla uzolinika umbiko.
USihlalo wekomiti, uMnuz Vincent Smith, uthe uNkk Tshabalala kuzomele awabhale phansi amagama osopolitiki abagxambukela ekusebenzeni kweSABC.
UNkk Tshabalala ukhombe uNobhala-Jikelele weSACP, uMnuz Blade Nzimande, njengomunye wbagxambukela.
Kodwa ngempelasonto iSACP ixwayise uNkk Tshabalala ngokuthi izomthathela izinyathelo zomthetho ngokungakhulumi iqiniso.
Ithe uNzimande njengomholi wayo, waphakamisa indaba yohlelo lokubona izithombe zicace bha kumathelevishini futhi lokho akusikhona ukugxambukela.
UNkk Tshabalala uphinde watshela ikomti ngoLwesihlanu ukuthi ngaphandle kukaNzimande, bakhona nabanye be-ANC nabe-DA abebegxambukela.
USotswebhu we-DA, uMnuz Mike Waters, uxwayise uNkk Tshabalala ngokuthi angadidanisi ukubuzwa ngokusebenza kweSABC nokugxambukela ngokwepolitiki.
Kodwa leli komiti lithe kumele alethe uhlu lwamagama osopolitiki abathintekayo. Libe selinqumela umnqamulajuqu wanamuhla.
UNkk Tshabalala noMnuz Ben Ngubane, angena esikhundleni sakhe, bavikele ukuqokwa kukaMnuz Hlaudi Motsoeneng.
UNgubane wesula ebhodini yakwaSABC ngoMashi 2013 ngemuva kwezinxushunxushu emalungwini ebhodi. IPhalamende yabe isilihlakaza ibhodi ngemuva kokwesula kwamalungu alo amaningi.
Kwabe sekungena uNkk Tshabalala kwesikaSihlalo. Nakhona kwaphinde kwaba nezinxushunxushu.
UNkk Tshabalala wesula ngoDisemba 2015 ngemuva kokubanjwa ukuthi wasenga ezimithiyo ngeziqu zakhe zemfundo.
Wayezishaya isifuba ngokuthi uneziqu ze-BComm azithola e-Unisa kodwa lesi sikhungo semfundo ephakeme sakuchitha lokho.
UNkk Tshabalala noNgubane bebengofakazi bokugcina kuleli komiti.
Umbiko othinta iSABC uzodingidwa ePhalamende kuleli sonto.
Ikomiti lisenawo amasonto ambalwa ngaphambi kokuthi liwuphothule umbiklo elizowethula uma sekuhleli wonke amalungu ePhalamende.