AYAGOLOZA ukusuka kujantshi oseBerea Station, eThekwini, amaphara phezu kokuba umasipala ethumela amaphoyisa ukuthi akhuculule zonke izinsuku.
Ngesonto eledlule uMasipala weTheku ubambisene noMetrorail nezinye izinhlaka ezihlushwa wukuba khona kwamaphara emzileni wesitimela ususe amaphara wawayisa ezikhungweni ezigcina abangenawo amakhaya.
NgoLwesihlanu amaphara athuthele ezansi kukajantshi endaweni eqondene ne-Albert Park.
Ngesikhathi Isolezwe lihambele le ndawo amaphara ebeqhubeka nempilo yawo njengokujwayelekile, ebase umlilo ngocwazi nenswani, amanye abeneke izimpahla ogangeni oluhlukanisa ujantshi nomgwaqo.
Lawo akhulumile aveze ukuthi awathandi ukuhlala emgwaqweni kodwa ahlala khona ngenxa yokuthi awasebenzi futhi asuswa wukuhlukunyezwa emakhaya.
“Abazali bami bashona ngase ngiyohlala nomamkhulu owayengangiphethe kahle. Besihlala eNanda, ngingavumelekile ukuthi ngiye esikoleni ngoba bengisebenza ekhaya, ngithunywa yibo bonke abantu basendaweni. Uma kwenzekile ngangawuqeda umsebenzi wasendlini bengingakutholi ukudla uma sekuphakwa ntambama. Ngibone kungcono ukuthi ngizohlala lana ngoba ngicela imali kubantu abadlulayo ukuze ngithenge isinkwa,” kusho elinye iphara.
Libuzwa ukuthi liyawudinga yini umsebenzi lithe lingajabula uma umasipala ebasusa emgwaqeni abafake esikhungweni esithuthukisa amakhono ukuze baqasheke.
“Asithandi ukuhlala emgwaqweni nokubhema iwunga, sidinga ukufakwa esikhungweni esizosilekelela ukuthi siyeke iwunga bese sihlonyiswa ngamakhono asozilekelela ukuthi siphile,” kusho iphara.
UNksz Tozi Mthethwa, oyiNhloko yoPhiko lwezokuXhumana kuMasipala weTheku, uthe umkhankaso wabo wokukhuculula ujantshi wesitimela nokususa amaphara uzoqhubeka nokusebenza, amaphoyisa azogasela zonke izinsuku.
UMasipala weTheku awusebenzi wodwa ohlelweni lokukhuculula amaphara nokuqinisekisa ukuthi idolobha liphephile kodwa neDurban Chamber of Commerce and Industry ikhona futhi ifuna ukuthuthukisa amakhono abantu abahlala emgwaqweni.
Isikhulu esiphezulu seDurban Chamber of Commerce uNkk Dumile Cele uthe bafuna iTheku libe yidolobha eliphephile futhi okumnandi ukusebenza nokuhweba kulo.