I-African National Congress, ithi ayinaso isiqiniseko sokuthi zizoqhubeka noma zizophela izicelo zokuthi umengameli uJacob Zuma esule esikhundleni sakhe. Lokhu kudalulwe uNobhala Jikelele we-ANC, uMnuz Gwede Mantashe, esithangameni nabezindaba ngoLwesibili ntambama.
UMantashe ukhulume nabezindaba emva kwempelasonto obekuhlangene kuyo isigungu esiphezulu se-ANC lapho okuthiwa besizodingida khona isikhundla sikaZuma njengoba amaqembu aphikisayo efuna asuswe njengomengameli.
UMantashe nokho ukuchithile ukuthi lolu daba ludingidiwe kule mpelasonto. Kunalokho, uthe bagxile odabeni lukaMnuz Brian Molefe, obuyele esikhundleni sakhe kwa-Eskom, baphinde badla amathambo engqondo ngabazokusho ngama-email okuthiwa aputshukile 'aveza' izingxoxo phakathi kwamalungu omndeni wakwaGupta nabaholi be-ANC.
Ephawula ngodaba lokubuyela kukaMolefe kwa-Eskom, uthe isigungu esiphezulu se-ANC sisamile ekutheni kumele sibuyekezwe isinqumo sokubuyiswa kwakhe kule nkampani.
Njengoba amaqembu aphikisayo efuna uZuma asuswe ngevoti lasePhalamende uMantashe ukhumbuze amalungu e-ANC ephalamende ukuthi avote ngokwesinqumo esithathwe ubuholi bale nhlangano.
"Amalungu e-ANC ePhalamende azobe evota sicela ukuwakhumbuza ukuthi ahlale emgqeni," usho kanje.