ASEQALILE ukuvalwa amanzi kuzo zonke izindawo ezikuMasipala weTheku njengoba kuvela ukuthi abantu abawongi ngokwanele. NgeSonto abengekho amanzi eMlaza, Burlington naseChatsworth kanti izolo abantu baKwaNdengezi, Klaarwater, St Wendolins, Savannah Park naseShallcross bavuke bengenawo.
INhloko yoPhiko lwezokuXhumana kuMasipala weTheku, uNksz Tozi Mthethwa, ithe ngenxa yokuthi isomiso siyaqhubeka amanzi ayancipha emadamini amakhulu.
Uthe uMnyango waManzi neNhlanzeko usebenzisana nenhlangano ephakela omasipala baKwaZulu-Natal ngamanzi, Umngeni Water, unciphise amanzi athunyelwa kubantu ngo-15% kwathi athunyelwa emafemini nasemapulazini ancishiswa ngo-50%.
Uveze ukuthi uMasipala weTheku ubungawanciphisi amanzi ngoDisemba ngenxa yokuthi bekunezivakashi kodwa lokhu kwenze asetshenziswa kakhulu.
“Sesiqale phansi ukuwanciphisa ngo-15% kusukela ngoJanuwari 16 ngoba izinqolobane zamanzi azisenawo amanzi anele. Sinezinqolobane ezihlukene okubalwa iMt Moriah Reservoir ephakela amanzi ePinetown, New Germany (emafemini), Westmead, Ashley, Sarnia ne-Paradise Valley. Kukhona iKwaNdengezi Resevoir ebhekele KwaNdengezi neCoffee Farm nezinye izinqolobane ezingenawo amanzi,” kusho uNksz Mthethwa.
Uthe izindawo ezilandelayo azinawo amanzi ngoba kufanele aphantshwe esuswa edamini eliwagcinayo ayofakwa ezinqolobaneni eziya emizini yabantu.
Izindawo ezingenawo amanzi ngenxa yalokhu yiTshelimnyama, KwaNdengezi, Dassenhoek, Kwalinda, Emansenseni, Stockville, Mpola, Thornwood, Mariann Park, Pine View, Mariannridge, Nagina, Birchwood Park, Madiba Valley, Klaarwater, Luganda, Intake, Khoselini, Mawelewele, Mariannridge Industrial Park, Nirvana Hills, Umshinini, St Wendolins Ridge, Phumuphele, Savannah Park, Clermont, KwaDabeka, Wyebank, KwaDabeka Clinic, KK hostel naseZalukazini. Uphinde wabala neMolweni, Fannin Road, New Germany, Motalabad neWestville.
Unxuse abantu ukuthi babekezele futhi babike uma kukhona amapayipi aqhumile ngokufonela ku- 080 13 13 013, WhatsApp Fault Report line-073 148 3477, bathumele i-SMS: 43554 noma i-e-mail [email protected]
Uthe okwamanje amanzi aphela ngo-9 ebusuku avulwe ngo-4 ekuseni okusho ukuthi aphela amahora ayisikhombisa. Kunesigaba sesibili lapho ephela ngo-7 ebusuku abuye 4 ekuseni, kube esesithathu lapho ephela ngo-9 ebusuku abuye ngo-6 ekuseni. Uthe esigabeni sesine azophela emini nsuku zonke kodwa isikhathi sisazobekwa.