UMLINGISI womdlalo Uzalo, okhonjiswa ku-SABC1 ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu, uthe indawo ekhonjiswa manje yokuphinga kwakhe ayehlanga kahle kumyeni wakhe.
ULeleti Khumalo, uthe umyeni wakhe uSkhuthazo Khanyile, waphatheka kabi ebona isiqephu sokuqala edlala indawo yowesifazane ojolayo emshadweni wakhe. Uthe wayengamtshelanga ukuthi uzobonakala edlala le ndawo.
Ukusho lokhu exoxa neSolezwe emkhankasweni awenzayo wakwaSunlight wokunikezela ngamathangi oJOJO ezikoleni ezehlukene kuleli.
“Waphatheka kabi umyeni wami ngesikhathi kudlala isiqephu la ngiphingela khona 'umyeni wami' kuZalo. Kodwa ngaxoxa naye kwadlula ngoba ngalibona iphutha lami lokungamtsheli ngokuzobonakala kulo mdlalo,” kusho uLeleti.
Uthe ngisho abantu ahlangana nabo emgwaqweni bayambuza ukuthi uyidlalelani le ndawo njengoba kade eziphethe kahle isikhathi eside. Uqhube wathi kuningi abantu abasazokubona kulo mdlalo okuzobashiya bebambe ongezansi.
“Ngisazobonakala kakhulu kulo mdlalo angiyi ndawo. Abantu abaqhubeke babuke Uzalo,” kuchaza yena.
Ebuzwa ukuthi ngabe useyibukile yini iSarafina entsha, okuwumdlalo aduma ngawo, uthe ubengakasitholi isikhathi kodwa uzoyibuka maduze.
ULeleti ubesethimbeni ebelivakashele isikole iBongumusa Primary, eMaphephetheni eNdwedwe liyonikela ngoJOJO.
Kulesi sikole bashiye oJOJO ababili abazosiza njengoba kunesomiso. “Sihambele kakhulu izikole zasemakhaya sizinikeza amathangi ukuze zibe namanzi. Ngesikhathi abakwaSunlight bengitshela ngalo mkhankaso wabo ithuba ngalamukela ngezandla zombili,” kusho uLeleti.
Uthe izifundazwe abasaye kuzona yiKwaZulu-Natal, Eastern Cape neGauteng.