KUQUBUKE umbango wemali evela eziteshini zomsakazo, okukhona kuzo neGagasi FM, ophakathi kosomabhizinisi uPeter-Paul Ngwenya noFani Titi.
Ngokombiko weSunday Times, ukushuba kombango kuholele ekutheni uNgwenya avalelwe estokisini amahora sekuzoba wuKhisimusi.
UNgwenya uthi uTiti, onguSihlalo we-Investec neKumba Iron Ore, umkweleta * -R54million.
Umbango udalwe wukuthi bathenga amasheya kuGagasi FM neHeart FM ngenkampani yabo iMakana Radio Communication (MRC) ngo-R48.8million. Baphinde bathenga amanye kuKaya FM. UNgwenya wathola amasheya awu-16.667% kuGagasi FM, 16.667% kuHeart FM no-6.24% kuKaya FM ngenkampani yakhe, iColumbia Media (PTY) LTD.
Ubudlelwano babo kuthiwa bube muncu ngoJuni ngonyaka odlule ngesikhathi uNgwenya ebiza uTiti nge“Khafula laseQwaqwa” kuSMS eyayibhekiswe kuzakwabo kaTiti * -Aqueel Patel. Kuyona uNgwenya utshela uPatel ukuthi “uzokopha igazi” futhi uTiti “uzobona unina” okuyinto uTiti ayithathe njengokusatshiswa kwazise uNgwenya uyazi ukuthi unina sewashona. Umholi weCope uMosiuoa Lekota kuthiwa wazama ukungenelela njengomngani wabo bobabili kodwa wehluleka.
UNgwenya ngaphambi kukaKhisimusi wazinikela emphoyiseni aseRandburg ngoba ephule isivimbelo sokuthi angasondeli kuTiti. Wadedelwa ngosuku olufanayo kanti kulindeleke ukuthi avele enkantolo namhlanje. Umangalelwe wuTiti wafuna * -R1.8million ngokumehlisa isithunzi.
Kuthiwa ngoNovemba eGoli kwashuba ngemuva kokuthi onogada namaphoyisa ayehlomile ekhipha uNgwenya emahhovisi eMRC kade eyolanda enye inzuzo yakhe.