CLOSE X
Advertisement

Bafisa sishintshwe isinqumo ngecala

Izindaba
ABASEBUHLENI banethemba lokuthi sizoshintshwa isinqumo senkantolo sombango phakathi kwabo nabaseThembezinhle njengoba icala libuyela eNkantolo ngoSepthemba.

Icala lizolalelwa yithimba lamajaji eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu kusukela ngoSepthemba 27-29.

Umbango phakathi koMnuz Mduduzi “Nyazilwezulu” Shembe noMnuz Vela “Imisebeyelanga” wokuhola ibandla lakwaShembe udlulela kwesinye isigaba njengoba icala selidluliselwe enkantolo yaseMgungundlovu.

Share this story
UMHOLI waseThembezinhle *  Mnuz Vela “Imisebeyelanga”  ShembeUMHOLI waseBuhleni uMnuz Mduduzi “Unyazi” Shembe

Okhulumela abaseBuhleni, uMnuz Thokozani Mncwabe, uthe ngeledlule bafake isicelo sokuba icala lidluliselwe kwenye inkantolo ngoba bengagculisekanga ngesinqumo esaphuma ngo-Okthoba 18, 2016.

“Siyacabanga ukuthi kungaba noshintsho esinqumeni esathathwa yijaji ngobuholi bebandla njengoba sidlulisele icala kwenye inkamtolo,” kusho uMncwabe.

Okhulumela uhlangothi laseThembezinhle, uMnuz Nkululeko Mthethwa, uthe nabo bakubheke kakhulu ukubuyela enkantolo.

“Asingabazi ukuthi isinqumo esaphuma enkantolo phambilini kuzoba yisinqumo esifanayo,” kusho uMthethwa.

Uthe icala libabambezele kakhulu ngenxa yokuthi abaseBuhleni bathathe isikhathi eside ukufaka amaphepha okudlulisa icala.

Umsebenzi kubameli ubumningi. Kubuye kwaphoqa ukuthi nabameli babo kube khona abakubhalile ngesicelo esifakwe abaseBuhleni.

IJaji Achmat Jappie ngesikhathi lahlulela laveza ukuthi ubufakazi obuvele ngaphambi kwenkantolo bukhomba ukuthi Imisebeyelanga iyona umholi webandla.

U-Achmat wathi incwadi okuthiwa yabhalwa yinkosi eyakhothama, uVimbeni “Thingo” Shembe, iqoka Imisebeyelanga iyayamukela njengefanele.

UMncwabe uthe bazozwa ngoNyazi ukuthi bazokwenzenjani njengoba beya kwenye inkantolo.

Share this story
Advertisement
X