BAQEDA umkhuba wobudlabha osomatekisi baseDassenhoek abahambela eThekwini, asebeqale umkhankaso wokugqugquzela ukuthi baswenke uma beza emsebenzini.
Labo somatekisi abathi usoseshini wabo udume ngokuba nabashayeli abaziphethe kahle, bathi bafuna ukuqeda inkolelo yokuthi uma ushayela itekisi uwusikhotheni kanti umsebenzi wabo kumele uhlonishwe njengeminye.
UMnuz Bongumusa ‘Richmond’ Mbhele abanye abashayeli abambiza ngothisha njengoba kunguye okhuthaza ukuswenka, uthe kumphatha kabi uma osomatekisi bethathwa njengabantu abangcolayo nabangazithandi.
Ekhuluma neSolezwe ubegqoke ibhulukwe eli-navy, ihembe elimhlophe lePringle, izicathulo ezicwebezelayo nezibuko zelanga. “Ukugqoka kahle sifuna kube ngenye into esidume ngayo, sibe yisibonelo nakwabanye ososeshini. Ngonyaka odlule besigqoka okwesintu njalo ngoLwesine, kulo nyaka sigqoka umfaniswano webhulukwe elimnyana noma eli-navy nokumhlophe ngenhla njalo ngoLwesithathu,” kusho uMbhele.
Uthe yize okufanayo bekugqoka ngoLwesithathu kuphela, isonto lonke bagqugquzela ukugqoka kahle kubashayeli. “Asisho ukuthi abantu mabagqoke izimpahla ezibizayo kodwa sifuna zihlanzeke. Asimfuni umuntu ophinda impahla abeyigqoke ngayizolo.”
Omunye wabashayeli, uMnuz Mlungisi Mdlalose, uthe izikhathi zishintshile yingakho befuna nokushintsha imiqondo yabantu ngemboni yamatekisi. “Indlela obukeka ngayo ibalulekile emphakathini. Sikhuthaza abashayeli ukuthi bazithande ukuze nomsebenzi wethu uhlonishwe. Siphila ngawo lo msebenzi futhi nemali ikhona, akumele sibukwe njengoskhotheni.”
Labo somatekisi bathi ukuzithanda kumele kubonakele nasematekisini abo, bakhuthaza ukuthi ahlale ehlanzekile. Bathi kusenzima kwabanye ukwamukela kahle lo mkhankaso ikakhulukazi owokufaniselana ngoLwesithathu kodwa ngeke baphele amandla.
UMnuz Bhekithemba Mkhize ongumphathi werenki yaseDassenhoek uthe bayakuncoma okwenziwa abashayeli ngoba kuzobuyisa isithunzi kugqugquzele nabanye.
“Uma kukhona umgibeli ohlukumezekile wasibikela, sinetafula lokuqondisa ubugwegwe lapho umshayeli othintekayo ehlawula ngo-R200. Asinawo amahlongandlebe ngoba bonke abashayeli bayawazi umthetho. Sesinesikhathi eside sisebenza nabashayeli futhi sibambisene okuyingakho konke kulula.”