ASESIMWENI esihle amawele aseSwazini abehlangene ngezisu ahlukaniswe esibhedlela esizimele, iNetcare Unitas, eGoli.
Amawele ango-Uwenzile no-Uyihleli Sihlongonyane azalwe ngoJanuwari 2 ahlukaniswe ngoMgqibelo yithimba lodokotela abayisipesheli kulesi sibhedlela esiseCenturion.
Izolo uSister Irene Buitendag ophethe iwodi lezingane ezidinga ukunakekelwa ngokweqile uthe amawele asesimweni esihle.
Uthe uhlelo lokuhlukaniswa kwawo beluyinto enkulu kubona. Kumanje amawele asadla ngamapayipi futhi asizwa ngomoya wokuphefumula nemishanguzo yokuwalalisa kodwa isimo sawo sihle.
Abazali babo, uNksz Bongekile Simelane noyise uMnuz Mbongeni Sihlongonyane, bajabule futhi sebekhululekile njengoba besesimweni esigculisayo abantwana babo.
Lawa ngamawele abo esibili. Banamanye angabafana aneminyaka emibili nokwenze kwaba nzima ukuthi bajabule uma bethola ukuthi bazoba namanye.
UNksz Simelane uzwe esenezinyanga eziyisikhombisa ukuthi ukhulelwe amawele.
“Ngesikhathi ngiqala ukuzwa ngangingajabule ngoba bese kungokwesibili. Esekhona, konke lokho kuvele kwashintsha. Ngesikhathi sengibelethile angizange ngikhathazeke kakhulu ngoba ngangizitshela ukuthi bahlangene ngomzanyana,” kusho uNksz Simelane.
Odokotela kubathathe amahora ayisithupha ukuthi babahlukanise ngempumelelo. Lezi zingane zizalwe zishaya * -4.2kg esikalini zihlangene ngezisu.
Ngaphambi kokuthi zihlukaniswe odokotela abagxile ekuhlinzeni izingane, uDkt Mariza de Villiers noDkt Paul Stevens, bakuqinisekisile ukuthi la mawele anethuba elihle lokuhlinzwa ngaphandle kwezihibe.
Bathe amawele ahlangene ngendlela abahlangene ngayo aziwa ngama-omphalopagus twins - njengoba ehlangene ngesingezansi kodwa engenayo inhliziyo eyodwa.
UDkt De Villiers uthe ngesikhathi bebahlola bathole nokuthi azikho ezinye izitho zomzimba ezibucayi abazisebenzisa bobabili. Lokhu kwenza ukuthi anyuke amathuba abo okusinda uma sebehlukanisiwe nokuthi baqhubeke baphile impilo ejwayelekile.
Lawa bekungamawele esibili ukuhlinzwa yilabo dokotela bobabili, kungawokuqala ukuhlinzwa kulesi sibhedlela. Bebesizana nodokotela Francisca Van Der Schyff noDkt Kagiso Batka.
UDkt De Villiers uthe izingane bezihlangene ngesikhumba nokwenze kwaba lula ukuzihlukanisa nobekuzoba nzima ukube bezisebenzisa izitho zomzimba ezizodwa.
“Kuhlezi kunobungozi uma kuhlukaniswa amawele kodwa besilokhu sikholwa wukuthi kuzoba nemiphumela emihle kuwo womabili amawele uma sesiwahlukanisile,” kusho uDkt De Villiers.
Ngenxa yesikhumba esiningi ebesiphakathi kwawo kusho ukuthi kube nesikhumba esanele sokuvala amanxeba okuhlinzwa ngaphandle kokuthi baphinde benziwe i-plastic surgery.
Umphathi wesibhedlela, uMnuz Robert Jordaan, uthe bajabule ukubona indlela unina wengane asithathe ngayo isimo sezingane zakhe njengoba bekunzima ngisho ukuziqukula ngoba bezihlangene.
Uthe bayaziqhenya ngethimba lodokotela abayisishiyagalombili, nabahlengikazi abangu-11, iningi labo obekungabantu besifazane abahole uhlelo lokuhlukaniswa kwezingane.