ABAFUNDI abaphothula uGrade 12 kwesinye sezikole ezihlonishwayo eMgungundlovu, iPietermaritzburg Girls' High School, bafuna axolise esidlangalaleni umfundi wakwa Grade 11 ocwase omunye ngokwebala.
NgoMsombuluko bekukhalwa nxa zonke ezinkundleni zokuxhuma ngemuva kokusabalala kwezindaba zokuthi kunomfundi omhlophe wakulesi sikole obize uzakwabo omnyama ngegama elalisetshenziselwa ukucwasa abantu abamnyama kuleli ngesikhathi sobandlululo.
Lo mfundi enkulumeni yakhe eqoshiwe uzwakala enengwa ukuthi abafundi abamnyama abalibizi ngendlela eyiyo igama lakhe.
Abafundi abadala bakulesi sikole ngoLwesibili bafake isicelosikhalo (petition) ukuthi amiswe lo mfundi eGirls' High, aphinde axolise esidlangalaleni.
"Lo mfundi kumele abhale incwadi axolise, aphinde futhi enze okufanayo naphambi kwesikole sonke enkonzweni yasekuseni. Kumele aphucwe bonke ubuholi anabo esikoleni kuze kube uyaqeda," kusho lesi sicelo.
Baphinde bacela ukuthi isikole siwaqambe kabusha amagama amabhilidi akuso, anikezwe amagama abesifazane ababeyizishoshovu ezazilwa nohulumeni wobandlululo.
"Isikole kumele sibeke umthetho ozolwa nokucwaswa kwabafundi ngokunjalo nothisha. Akekho umuntu okumele ahlukunyezwe ngokuphumela obala ngokucwaswa ngokwebala."
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uMnuz Scelo Khuzwayo ngoMsombuluko uthe okwamanje umnyango usaphenya ngalolu daba.
"Okwamanje sisaphenya ngoba sifuna ukuqonda kahle ukuthi kwenzekeni. UMnyango uphatheke kabi kakhulu ngalesi sigameko," kusho uKhuzwayo.
Khonamanjalo, bekukhalwa nxa zonke ezinkundleni zokuxhumana ngalesi sigameko, iningi labantu likhala ngesitatimende esikhishwe yisigungu esengamele isikole, esibeke ukuthi umfundi kungenzeka ukuthi ukhulume ngalendlela ngoba 'enengcindezi yezivivinyo'.
Heart broken to hear that "stress" is an excuse for racism, at my old school!!! #RacismAtPMBGHS #GHSDefendYourGirls When will things change?
— Abigail van Heerden (@Abbie_vH) June 5, 2017
This is enough , can we ever just sit and do nothing when we are called Kaffirs at our own schools @eNCA
— #GHSDefendYourGirls (@Sihle_MaK) June 5, 2017
"Stress" is not an excuse for racism. GHS protecting racists / punishing people calling out her racism is disgraceful #GHSDefendYourGirls
— SocialJusticeWarlock (@charllandsberg) June 5, 2017
“ @SipTheseThingz: #GhsDefendYourGirls #RacismAtPMBGHS pic.twitter.com/A3kyMpamsQ” They are condoning racism, so disgusting!
— Autumn Brissett (@AutumnB_) June 5, 2017