NOKUBONGWA PHENYANE
BAMFUNA exoshiwe kuKhozi FM uKhathide "Tshatha" Ngobe abesifazane abafake isikhalazo enhlanganweni yokusakaza ngemuva kokuthi , ebhale ekhasini lakhe likaFacebook egxeka izintokazi ebezikhindile eYadini Lounge eMlaza, ethi ziyenga amadoda.
USethabile Hlanti ohola lo mkhankaso wabesifazane uthe, baxhumene nenhlangano ebhekele izikhalazo zomphakathi ngokuzwakala noma okushiwo emsakazweni, eyaziwa ngeBroadcasting Complaints Commission of South Africa (BCCSA).
"Abe BCCSA basiyalele ukuthi sikhulume neSabc noma uKhozi FM ukuzwakalisa isikhalazo sethu, baveze ukuthi bona ngeke bakwazi ukungenelela njengoba umsakazi woKhozi (Tshatha) lolu daba engalukhulumanga emsakazweni kodwa elubhale ekhasini lakhe," kusho Sethabile.
Uthe kuKhozi bahlangane nomphathi wezinhlelo uZandile Tembe othembise ukuthi bazohlangana noTshatha kukhulunye ngalolu daba, waphinde wathi ngeke uKhozi FM lumvumele angene emoyeni engakaxolisi.
USethabile uthe babhale ekhasini elikhuluma ngezinto ezahlukene ezithinta abesifazane elibizwa ''Amandla Awethu Mobi'' ukuthi akulwisane nokukhuluma kabi ngabantu besifazane, waveza nokuthi leli khasi lilandelwa abantu abevile ku-600 kanti isibalo siyakhula usuku nosuku.
"Indlela abhale ngayo ukhombisa ukuthi abantu besifazane ibona abazicelela ukudlwengulwa," kusho uSethabile.
Thola udaba oluphelele kusasasa