UMHOLI webandla lamaNazaretha aseBuhleni, uMnuz Mduduzi Shembe, uNyazilwezulu, kuthiwa uhleli ngesinqe esisodwa njengoba kuvela ukuthi kuneqebana elithile elisebandleni elisikaza isikhundla sakhe ngejozi.
Ngokuthola kweSolezwe ngeSonto ngomthombo walo osebandleni, uNyazilwezulu seluze lwacela neSilo Samabandla ukuthi singenelele ukuzobhula umlilo.
Umthombo uveze ukuthi sekuze kwathunyelwa nencwadi eNdlunkulu ecela oNgangezwe Lakhe ukuthi abe nomhlangano noNyazilwezulu ngenyanga ezayo ukuzodingida lolu daba.
“INkosi ikhathazekile ngaleli qeqebana lamadoda abamba inguyazana yokuqumba phansi umbuso wayo. Lokhu kuze kwavela nasenkonzweni ebisethempelini eNkanyezini, KwaMhlabuyalingana okumemezele khona omunye wabefundisi ngalo mhlangano. Indaba yokuketula uNyazi yinto ekhulunywayo ebandleni kodwa akuveli ukuthi ikuphi inkinga,” kusho umthombo.
Lo mthombo uqhube wathi awazi ukuthi iSilo sixhumaphi ezindabeni zebandla ngoba akhona amakhosi angamalungu ebandla nabefundisi abangenelelayo uma kukhona izinkinga.
Uveze ukuthi njalo ngoJuni kuba nenkonzo ethempelini eLinda, KwaNongoma lapho amaNazaretha ehlala khona inyanga yonke, leyo nkonzo ibizwa ngokuthi eyokulanda isikhiye. “ Kubonakala sengathi uNyazi lusosbenzisa lelo thuba ukuxoxa neSilo,” kusho umthombo. UMfundisi Hlatshwayo elingatholakalanga igama lakhe kuthiwa uyena owenze lesi simemezelo somhlangano ethempelini eNkanyezini. Imizamo yokuthola ukuphawula kukaHlatshwayo ayiphumelelanga ngenxa yokuthi ucingo beluvaliwe. Umthombo uveze ukuthi omunye olwaziyo lolu daba lwesimemezelo umfundisi Thokozani Gumede. Ethintwa uGumede uqinisekisile ukuthi kuzoba nenkonzo eLinda.
"Sizoba nayo inkonzo eLinda kodwa angazi maqondana nesimemezelo ngoba bengingekho lapho senziwe khona,’’ kusho uGumede.
Okhulumela abaseBuhleni uMnuz Thokozani Mncwabe uthe, akalwazi lolu daba lokuketulwa kwenkosi uNyazi kodwa inkonzo izoba khona eLinda ngoba iba minyaka yonke.
Okhulumela iNdlunkulu uMntwana uThulani Zulu, uthe akukho sicelo somhlangano abasitholile futhi akalwazi lolu daba ubeqala ukuluzwa ngayo intatheli emthintile.
"Kungenzeka ukuthi bebezixoxela bodwa lapho abebexoxa khona besingakathintwa thina. Ngeke sazi kodwa ngoba iSilo sibuye sixoxe nalo Unyazi bobabili ngezinto zabo nokwenza ukuthi sibuye singakwazi okunye okuqhubekayo,’’ kusho uZulu.
Kwenzeka lokhu iNkantolo eNkulu yaseThekwini nyakenye ivune iNkosi uVela Shembe embangweni obusuqhubeke isikhathi eside wobukhosi bakwaShembe.