SEKUQALWE uphenyo ngezithombe ezisabalele ezinkundleni zokuxhuma eziveza iziboshwa zipotozwa abantu besifazane. UMnyango wezokuhlunyeleliswa kwezimilo eGauteng uthi izikhulu ezingu-13 zizocelwa ukuthi zichaze ngokwenzeka ejele iJohannesburg Medium B.
Lokhu kumenyezelwe ngomsobuluko esithangamini nabezindaba eGoli lapho obambe isikhundla sokuba ukhomishina womnyango, uMnuz James Smalberger, egxeke khona lesi sigameko wabe esexolisa kubantu bakuleli.
"Umbiko esisawutholi ngophenyo olwenziwe ukuthi lezi zithombe zathathwa emcimbini wokugubha inyanga yentsha ngoJuni 21, eJohannesurg Medium B. Abaphathi nabahleli bomcimbi kwakungamele bayivumele lento, futhi kwakumele baluvimbe lolu hlobo lokuzijabulisa ngoba aluhambisani nemigomo yethu," kusho uSmalberger.
Ezithombeni kuvela iziboshwa zikhungwe abantu besifazane okukholakala ukuthi babebadansela bebapotoza futhi. Kwesinye sezithombe isiboshwa esisodwa sisuke sibanjwe abantu besifazane ababili.
Zigxekiwe kakhulu lezi zithombe ezinkundleni zokuxhumana abantu bebuza ukuthu kanti yini inhloso yokufakwa kwabantu ejele uma besakwazi ukuzijabulisa ngale ndlela.