USOLA ubudedengu bomtholampilo namaphoyisa umndeni wendoda yaKwaNdaba, KwaMaphumulo okuthiwa ibhambabule unina ngogodo, washona ifuna imali yayo engu-R300.
UNkk Sinyanisile Ndlovu (89) ushone ngoLwesihlanu olwedlule ngemuva kokushaywa yindodana yakhe (58) okuthiwa iphazamisekile ekhanda. Umsolwa waboshwa endaweni yesehlakalo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, uthe umsolwa uboshelwe icala lokubulala kanti uzovela enkantolo maduze.
Isolezwe lithole ukuthi umsolwa uze washaya unina nje ubeke wagenca omunye umngani wakhe ngocelemba ngoLwesine emini. Umngani uphuthunyiswe esibhedlela, usesinweni esibucayi.
Ngokusho komndeni, umsolwa udla imishanguzo yokuphazamiseka emqondweni.
Kuvele ukuthi ekuqaleni kwesonto wavukwa wukugula, waba nodlame.
Unkosikazi wakhe kuthiwa uye emtholampilo KwaHlatshwayo (Otimati) eyofuna imishanguzo ezomsiza kodwa kwathiwa akuze isiguli.
Umsolwa kuthiwa uyile emtholampilo ngoLwesine kodwa bafike bathi imithi ayikho.
Endleleni eya ekhaya uhlangane nomngani wakhe ongumelusi, wamgenca ekhanda, ngaphandle kwenkulumo.
Kuthiwa wafika ekhaya engasalawuleki, esenodlame.
Umndeni uye enduneni yendawo, uMnuz Bongani Khanyile, beyobika ngokugula kwakhe.
UKhanyile ekhuluma neSolezwe izolo ukuqinisekisile ukuthi wabikelwa ngokugula kukamsolwa.
“Bafika abakwaNdlovu, ngoLwesine ngo-4:30 ntambama babika ngokuthi bajahwa wumsolwa.
"Ngabiza amaphoyisa aKwaMaphumulo, afika ngo-10 ebusuku.
"Ngawayalela umuzi wakwaNdlovu, alandula athi ngeke akwazi ukuyobamba umuntu ogula ngekhanda ngoba uzobalimaza.
"Uma kwenzeka emdubula kuzothiwa abulele umuntu ozigulelayo. Ahamba athembisa ukubuya ekuseni ukuzomlanda kodwa angafika,” kusho uKhanyile.
Uthe ngakusasa wavuka eya eNkantolo yeNkosi wadlula ngakhona kaNdlovu.
“Ngafica umufi ebaleka ejahwa yindodana yakhe, imshaya ngogodo.
"Yayinodlame, ilokhu ithi ifuna imali yayo engu-R300. Unina wayelandula ethi akayazi imali ayifunayo. Ngangingaphethe lutho yokumvikela umufi,” kusho uKhanyile.
Kwabizwa amaphoyisa afica uNkk Ndlovu eselimele kanzima.
Kwafonelwa ne-ambulensi kodwa yangafika. UNkk Ndlovu waze waphuthunyiswa esibhedlela ngenye imoto wafika washonela khona.
Ilungu lomndeni elicele ukungadalulwa igama ngenxa yokwesabela ukuhlukunyezwa likhale ngokuba budedengu bomtholampilo namaphoyisa.
“Ukube abasemtholampilo bakusukumele phezulu ukugula kwakhe njengoba siye kabili khona ngabe umama akashonile nomfowethu akaboshiwe.
"Sibuhlungu kakhulu ngokwenzekile. Umama ubulewe ngesihluku esimangalisayo,” kusho ilungu lomndeni.
Icala lokugencwa komngani kamsolwa alivuliwe emaphoyiseni.
Okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, uMnuz Sam Mkhwanazi, uthe bayazwelana nomndeni ngokwenzekile kodwa njengoba lolu daba kuyicala lokubulala, uMnyango ngeke ukwazi ukuphawula ngalo ngoba kungaphazamiseka uphenyo lwamaphoyisa.