UNGQONGQOSHE wezeMidlalo eNingizimu Afrika, uFikile Mbalula, ukubeke kwacaca ukuthi uhulumeni ubengeke afake iNingizimu Afrika enkingeni yokuwa komnotho ngokusayina izivumelwano ezingaphezulu kwesabelo mali ekugcineni izithole seyifana neGreece.
Umnotho waleliya zwe waguqa ngenxa yemidlalo yama-Olympic
ngo-2004.
UMbalula ubekhuluma kwisithangami ebesiseMoses Mabhida Stadium eThekwini, izolo lapho ebecacisa khona ngesinqumo seCommonwealth Games Federation (CGF) sokuphuca elakuleli ilungelo lokukusingatha le midlalo
ngo-2022.
“Uhulumeni waseNingizimu Afrika udumele ngokuhoxiswa kwemidlalo
yama-Commonwealth Games yiCommonwealth Games Federation ngemuva komkhankaso owaba yimpumelelo wokuthi le midlalo idlalelwe kuleli ngo-2022. Kufanele kugcizelelwe ukuthi ngemuva kokuhoxa
kwe-Edmonton yaseCanada okwakuyiyo neTheku abase
besele emkhankasweni, akuchazwanga ukuthi konke kwasekuvuna iTheku. Kwadingeka ukuthi kulandelwe yonke imigudu kwaze kwaba wukuthi ingqungquthela eyaba se-Auckland ngoSepthemba 2015 ivotela ukuthi le midlalo ize eThekwini.
Lokhu kwenzeka ngemuva kokuthi iKhabhinethi ivumile ukuthi kwesekwe le midlalo ngemali eyisabelo sika-R4.34billion,” kuchaza uMbalula.
Kuvele ukuthi imali ebisifuneka ibisiphindeke kabili kunesabelo esaphasiswa yiKhabhinethi okuyinto egcine ibangwa kwaze kwafinyelelwa kwangqingetshe.
“Ngesikhathi imidlalo inikezwa iNingizimu Afrika, sasingakasayinwa isivumelwano sedoloba elizosingatha imidlalo ngenxa yemibandela eyayingafaka leli zwe obishini.
“Safunda lukhulu ngemidlalo yeFIFA World Cup 2010. USepp Blatter wayehamba phezu kwethu ngendiza esitshela ukuthi kufanele sakhe izinkundla. Ngeke sisavuma ukuqinelwa izinhlangano zemidlalo zomhlaba.”
Uthe sebeyazi ukuthi yini abayifunayo nokuthi izwe lizozuzani ngalokho.
“Ngeke sifake izwe obishini okwangena kulo iGreece ngenxa yemidlalo yama-Olympic lapho umnotho wakhona wasala uketukile kuze kube yimanje. Yinina ebenizoshaya itoyi toyi nithi uMbalula ufake izwe enkingeni,” kusho yena.
UMbalula uphinde wathi ngo-1999, iNingizimu Afrika yasingatha imidlalo yama-All Africa Games ngesabelo esiwu-R250million.
Umqondisi womnyango wezeMidlalo kuzwelonke, uMnuz Mokoditloa Alec Moemi, uveze ukuthi uhulumeni ubekulungele ukusingatha le midlalo njengoba nenkampami ebizohlela imidlalo ibisibhalisiwe ngokusemthethweni. Nomqulu obuzoyilawula inkampani ubusuhlanganisiwe kanjalo nesigungu sabaqondisi.
“Kuphela obekusilele ukumiselelwa kweLOC (Local Organizing Committee) nesikhulu esiphezulu sayo,” kusho uMoemi.