IZIHLATHI zizovakashela izindlebe kubantu baseNingizimu Afrika emuva kokuthi umphathi weBhange loMbuso uMnuz Lesetja Kganyago ehlise i-repo rate ngo-25 basis points yaba ngu-6.75% ngoLwesine.
I-repo rate yinzalo ekhokhwa ngamabhange uma eboleke imali kwibhange lombuso.
Isazi somnotho uSolwazi Bonke Dumisa, sithe yizindaba ezimnandi lezi yize ebengazilindele ngoba umnotho awukhuli ngendlela.
“Ukwehliswa kwemali ebolekwayo kube yisinqumo esibalulekile ebengingasilindele kodwa engisamukelayo. Ngiyasamukela ngoba sizokwehlisa umthwalo emahlombe abantu bakuleli. Izindleko zokwenza ibhizinisi zizokwehla okusho ukuthi singabona kuvuleka amathuba omsebenzi. Bazohlomula abantu ngoba nalabo akade bengasakwazi ukuboleka ngenxa yokuxinwa yizikweletu bazophefumula,” kusho uDumisa.
Uthe lokhu akusho ukuthi abantu abagcwale ezikhungweni ezibolekisa imali kodwa kusho ukuthi mabasebenzise imali esalayo ukuqeda izikweletu zabo.
Ubalule ukuthi abanikazi bezitolo nabasemkhakheni wezokuvakasha bazokwazi ukudala amathuba omsebenzi ngoba umnotho uzokhula futhi nezinto ngeke zimbe eqolo.
UMnuz Sizwe Nxedlana, oyiChief Economist kwa-FNB, uvumelene noDumisa ngokuthi kuzohlomula abacwile ezikweletini ngokwehlisa kwe-repo rate.
“Umnotho ngeke ukhule kakhulu ngalesi sinqumo kodwa kuzohlomula abanenkinga yezikweletu ngoba bazosalelwa wushintshi emuva kokukhokha. Abantu bazokwazi ukuhlela kahle imali yabo futhi benze nezinto akade bengasazenzi,” kusho uNxedlana.
Isikhulu sakwa-FNB, uMnuz Jacques Celliers, sithe amakhasimende abo azohlomula ngokuthi kwehliswe inzalo ayikhokhayo ezikweletini isuka ku-10.5% iya ku-10.25% kusukela namhlanje.
UDkt Adrew Golding, wenkampani edayisa izindlu iPam Golding, uthe abafuna ukuthenga izindlu kufanele bazithenge kulesi sikhathi ngoba bazokhokha inzalo encane.
Uthe iRandi linamandla futhi nomnotho balindeleke ukuthi ukhule.