UMBUZO: Sanibonani Mo noPhindi.
Ngingowesifazane oneminyaka ewu-32 oshadile. Inkinga yami wukuthi umyeni wami akalukhombisi nhlobo uthando kimina. Akangithinti asixoxi lutho olutheni. Ukhuluma kuphela uma kukhona akufunayo, njengokuya ocansini. Lokhu kungenza ngingaluzwa uthando kulo mshado.
Uma ngizama ukukhuluma naye ngalolu daba uvela adinwe akhombise ukucikwa yimibuzo yami sigcine singasakhulumisani. Sengikuzame konke engikwaziyo angisazi kumele ngenzenjani. Sengize ngicabange nokuzitholela isoka eceleni elizongijabulisa. Nanokuthi ngisekhona kulo mshado kungenxa yabantwana. Sengihlalele bona nje ngabe kade ngashiya.
Thulile, eStanger
IMPENDULO:
Zazimbi-ke lezi zindaba Thulile. Umshado kumele ube yindawo yokujabula hhayi indawo yosizi. Empeleni uthando, ikakhulukazi umshado, kumele lwenze impilo yakho ibe ngcono kunokuthi ibe muncu.
Noma ngabe sibi kangakanani isimo emshadweni wakho kodwa ukuba nesoka ushadile kuyinto engeyinhle neze. Umshado uyahloniswa. Khumbula ukuthi wenza isethembiso phambi kukaNkulunkulu mhlazane ushada. Awuvele uvuke nje usuthi uzofaka umuntu wesithathu emshadweni wenu. Ayikho inkinga engeke ilungiseke emshadweni inqobo nje uma nina nobabili nifuna ukuyilungisa. Thina sibona kungcono ukhulume nomyeni wakho ngalolu daba. Kwezinye izikhathi uma kukhona ohlulekayo wukukhombisa uthando kwabashadile kusuke kukhona izizathu ezithile. Khumbula futhi ukuthi abesilisa abafani nabesifazane. Abantu besilisa abakhulumi kakhulu esikhathini esiningi. Kungenzeka ukuthi wena uyile nhlobo engasabi ukukhombisa uthando kodwa umyeni wakho, ngenxa yezizathu ezithize, akakwazi ukukhombisa uthando ngale ndlela wena ofuna ngayo. Ungathola ukuthi lokhu kwenziwa yizinto esingabala kuzo indlela akhula ngayo noma ubudlelwane obuthize aphuma kubona. Ukuhlala naye phansi nikhulume ngalolu daba kuzokwenza uthole ezakhe izizathu eziyimbangela yalokhu. Kuyenzeka ngesinye isikhathi uma ungakaze uthole uthando usakhula uhlulwe ukulukhombisa usushadile. Kubalulekile ukwazi izizathu zakhe ukuze wazi ukuthi angasizakala kanjani. Abanye uke uthole ukuthi abanakile ukuthi benza ngalolu hlobo. Uthole ukuthi uma ukhuluma nabo bayakwazi ukugcina sebeshintshile. Kubalulekile ukuthi oshade naye azi ukuthi wena uthanda ukuthandwa kanjani. Sinethemba lokuthi udaba lwenu luzolungiseka ngokuhlala phansi nibonisane.
UMBUZO 2:
Ngingumama osemncane onabantwana ababili. Sekuphele iminyaka eyisithupha sishadile nomyeni wami kodwa nginovalo lokuthi ngeke siwuqede lo nyaka sishadile. Ngangisebenza phambilini kodwa manje sengihlala ekhaya. Sixatshaniswa yizinto ezincane nezingenamsebenzi ngokubona kwami. Uhlezi ethi yimina inkinga kulo mshado. Uthi sixabaniswa wukungalaleli kwami. Njalo uma sixabana uvele athathe imithwalo yakhe athi uyahamba ngoba ngiwunkosikazi ongahlakaniphile. Lokhu kungiphatha kabi kakhulu. Kungenza ngizizwe ngingakhululekile kulo mshado. Ngihlezi ngihlalele ovalweni lokuthi angangishiya noma nini. Ngisizeni Mo noPhindi. Angihlezi kahle neze.
Ntokozo, KwaMashu
IMPENDULO:
Ayikho into engathokozisi emshadweni njengokuhlala nixabana futhi nixabanela izinto ezincane. Ngendlela esibona ngayo kubukeka sengathi kunezinto ezingamphethe kahle umyeni wakho kodwa akakutsheli zona. Esikhathini esiningi lezi zinto ezincane ziwuphawu lwezinto ezinkulu kuye. Njengoba ehlale ediniwe futhi elwa yindlela abonisa ngayo ukuthi kukhona okungamphethe kahle.
Ubalule ukuthi wawusebenza kodwa manje awusasebenzi. Siyini isizathu? Kumphatha kanjani lokho umyeni wakho? Ngabe navumelana ngalokhu? Ngabe yena uyakwazi ukumela izidingo zekhaya? Indlela enza ngayo ubukeka engumuntu othwele futhi ongazi ukuthi kumele enzenjani ngaphandle kokuba nolaka. Awuchazanga noma uyasebenza yini umyeni wakho. Kodwa uma kungukuthi uyasebenza kungenzeka ukuthi umthwalo wekhaya unzima kuyena esebenza yedwa ekubeni ninabantwana. Okunye okungenzeka wukuthi ubuka konke ngamehlo okwesaba ukuthi angakushiya noma yinini. Noma kunjalo akumele umyeni wakho enze uhlale ungakhululekile emshadweni wakho. Akukuhle ukuthi uma ningazwananga athi uzokushiya. Impatho enjalo ayibusisekile neze. Emshadweni sihlukaniswa ukufa. Kubukeka sengathi umyeni wakho udinga ukukhula, akwenziwa lokhu akwenzayo. Bheka isimo senu. Ubone ukuthi umyeni wakho ayakwazi yini ukumela izidingo zekhaya eyedwa. Uma ubona ukuthi kungenzeka ukuthi uyasindwa, zama ubone ukuthi ungasiza kanjani. Zama ukuthola omunye umsebenzi ukuze umehlisele umthwalo. Okuhle kodwa!