CLOSE X
Advertisement

I-ANC eKZN nesikhalo ngoRamaphosa

Izindaba
BUYAVEVA ubuholi be-ANC KwaZulu-Natal ngesenzo sePhini likaMengameli uMnuz Cyril Ramaphosa (osesithombeni) sokutheleka esifundazwenii ngaphandle kokubazisa.

URamaphosa ubehambele esifundeni iMalahleni, eNewcastle, emcimbini weSanco lapho afike wethula khona inkulumo. Ube esehambela ebandleni lakwaShembe ngesikhathi uNyazi lusesiSikhaleni. Kuzona zombili lezi zindawo ubonakale nalowo obenguNdunankulu wesifundazwe uMnuz Senzo Mchunu.

Esithangamini nabezindaba eThekwini izolo, uNobhala we-ANC KwaZulu-Natal uMnuz Super Zuma, uthe badumele futhi baphatheke kabi ngesenzo sikaRamaphosa sokufika esifundazweni ngaphandle kokubazisa.

Share this story

“Kufana nesiko ukuthi uma kuzofika umholi we-ANC kazwelonke, eza esifundazweni saziswe ukuze kuzojutshwa umholi wesifundazwe azohamba naye,” kusho uZuma.

UZuma uthe iPhini likaMengameli ubenalo eNquthu bekhankasa kodwa alizange limtshele ukuthi kukhona olunye uhlelo elizoba yingxenye yalo.

“Ngisho ihhovisi lakhe alizange lisazise lutho. Lesi senzo sihlukanisa phakathi inhlangano kanti futhi siqala ukhondolo olubi futhi oluyingozi,” kuqhuba uZuma.

Uthe lolu daba bazoludlulisela kuNobhala-Jikelele we-ANC uMnuz Gwede Mantashe ukwenza isiqiniseko sokuthi asiphinde senzeke.

UZuma uthe kuyaqala ukuthi kube khona umholi ezingeni likazwelonke ofika esifundazweni ngaphandle kokubazisa.

“UMgcinimafa-Jikelele we-ANC uDkt Zweli Mkhize ubenomcimbi womndeni eMsinga ngempelasonto kodwa ubone kubalulekile ukuthi asazise njengesiko yize kade kuwumcimbi womndeni,” kusho uZuma.

Okhulumela i-ANCesifundazweni, uMnuz Mdumiseni Ntuli, uthe babona sengathi i-Cadres Forum ebihlelwe yiSanco bekuhloswe ngayo ukufeza izinhloso ezithile.

Imizamo yokuthola uMnuz Ronnie Mamoepa, okhulumela uRamaphosa ayizange iphumelele izolo kanti nomyalezo athunyelelwe wona akazange awuphendule.

UZuma uphinde waveza ukuthi bazoba nemashi ngoMsombuluko eThekwini eyokuzwakalisa ukukhathazeka ngokugxambukela kwezinkantolo kwezombusazwe.

Uthe bayabona ukuthi amaqembu aphikisayo asesebenzisa izinkantolo ukuzama ukubusa izwe.

“Uhulumeni we-ANC ungene ezintanjeni zombuso ngentando yeningi, ngeke size sivume ukuthi kube khona abantu abafuna ukuphatha leli lizwe ngezinkantolo bengazange bavotelwe ngabantu,” kusho uZuma.

UZuma uthe bafuna uMengameli Jacob Zuma asidlulisele phambili isinqumo senkantolo esithi kumele aveze izizathu ngokuthi kungani enza izinguquko kwiKhabhinethi yakhe.

Share this story
Advertisement
X