I-ANC KwaZulu-Natal ithi lizothathelwa izinyathelo ilungu le-ANC ephalamende, uDkt Makhosi Khoza, ngemuva kwenkulumo yalo ngoLwesibili lithi uMengameli Zuma akehle esikhundleni ngoba abantu abasamdingi.
UDkt Khoza ukhulume kanje ngoLwesibili emcimbini wokubungaza usuku lukaMandela obuhlelwe yizinhlangano iSave South Africa ne-Ahmed Kathrada Foundation, eLilieleaf Farm, eGoli. Uthe noma esebe yilungu le-ANC iminyaka engu-12, ubuholi bukaZuma akabuboni buhambisana nemigomo ye-ANC ngokunjalo nomthethosisekelo wakuleli.
Esitatimendeni esikhishwe yi-ANC KwaZulu-Natal ngoLwesithathu, oyikhulumelayo esifundazweni uMnuz Mdumiseni Ntuli uthe uDkt Khoza uzoqondiswa ubugwegwe ngenkulumo yakhe.
"UDkt Makhosi uyilungu le-ANC elingeqiwa yimigudu yokuqondisa ubugwegwe ku-ANC. Lokhu akukhulume esidlangalaleni emcimbini ohlelwe abantu abanezinhloso zokushaya indiva ubuholi be-ANC kuleli kukhombisa ukuthi ulaxaze imigomo yenhlangano," kusho uNtuli.
I-ANC ithe okwenziwe uDkt Khoza kukhombisa ukuzikhukhumeza.
"IKomiti lokusebenza lesifundazwe liyalele izikhulu ze-ANC esifundazweni ukuthi ziphuthumise izinyathelo zokuqondiswa kobugwegwe bukaDkt Khoza. Useziphatha njengomuntu oyishaya indiva i-ANC," kuqhuba uNtuli esitatimendeni.