MLUNGISI GUMEDE
UNOBHALA we-ANCYL KwaZulu-Natal uMnuz Thanduxolo Sabelo ukhwele wadilika kwilungu le-ANC ePhalamende uDkt Makhosi Khoza wathi ungunontandakubukwa odiniwe ngenxa yezibazi anazo.
USabelo ubephendula umbhalo omude kaDkt Khoza awufake ekhasini lakhe le-facebook ngeSonto lapho ebezwakalisa khona ukukhathazeka ngobuholi be-ANC njenga manje.
UDkt Khoza ukhale kakhulu ngepolitiki yamandla, imali neyokwenzelela nobuholi obuthatha izinqumo ezingaphusile.
Uthe yena ukhetha ukungabuki imibhikisho ekhona ezweni lonke njenge tulo lo ngxiwankulu kodwa njengezikhalo ezizwakalayo zabantu abaningi.
UDkt Khoza uqhube wathi useqome ukuveza ukukhathazeka kwakhe kubangani bakhe ku-facebook naku-twitter ngoba ikhaya lakhe lepolitiki alimlaleli. Uze wabhala nangezinto ezithinta impilo yakhe wathi ushiye esiShayamthetho KwaZulu-Natal ngo-2012, ngoba ebona ukuthi izingane zakhe ezimbili zizophenduka izintandane esebulewe. Uthe wafaka isicelo somsebenzi wokuba imenenja yomkhandlu waseThekwini, kwangena abantu badla umhlaba wakhe eHillcrest. Wathi wakhishwa esikhundleni sokuba uSotshwebhu we-ANC esiShayamthetho KwaZullu-Natal ngoba wayephambana nezinqumo zabaholi.
UDkt Khoza kumunye umbhalo wakhe ugxeke isigameko sobudlwembe esenzeke kwinkonzo yesikhumbuzo yengqalabutho ye-ANC uMnuz Ahmed Kathrada lapho amalungu-ANCYL ephazamise izinkulumo zabaholi kubalwa uMgcinimafa-jikelele we-ANC uDkt Zweli Mkhize nobenguNgqongqoshe weziMali uMnuz Pravin Gordhan.
Thola konke ngalolu daba ephephandabeni lakusasa, nempendulo kaDkt Makhosi Khoza izobe ikhona