KWETHULWE ngokusemthethweni i-App okukholakala ukuthi izosiza abafundi ukuthi babike ngokuhlukunyezwa kwabo (bullying)ezikoleni eThekwini, izolo.
I-App, esungulwe yinkampani ezimele ephenya ngamacala okuhlukunyezwa kwezingane, i-The Guardian, ibizwa ngokuthi The Guardian School.
I-App izokwenza ukuthi abafundi babike okubi okwenzeka ezikoleni abafunda kuzo kungaziwa ukuthi yibona ababikile.
UMnuz Marc Hardwick, umqondisi wenkampani, uthe unesikhathi eside engumphenyi wamacala athinta izingane wathi akufundile wukuthi izingane ziyesaba kwaziwe ukuthi yizona ezibike ngokwenzeka ezikoleni.
“Lokhu akwenzeki ezinganeni kuphela. Siwumphakathi nje sesiyesaba ukuphumela obala sigxeke izinto ezimbi, sikhathazeka ngokuthi kuzothiwani uma senze njalo,” kusho uHardwick.
UHardwick uthe isikole sizokhokha * -R500 ngenyanga uma sifuna ukuthi abafundi baso bakwazi ukuba nale-App.
“Kuzoba nomuntu esimbiza ngenxusa okungaba wuthishanhloko noma ngubani okhethwe yisikole ukuthi lolu lwazi lungene kuye. Ngaphansi kwakhe kukhona abanye abangabaphenyi ngaphakathi esikoleni abazothola umbiko ngesikhathi esisodwa nothishanhloko. Uma kungena umbiko abakwazi ukubona ukuthi ngubani obikayo kodwa bayakwazi ukufunda umbiko obhaliwe babone izithombe nama-video athunyeliwe,” kuqhuba uHardwick.
Uthe kulaba abazobe bekhethwe yisikole akekho ozokwazi ukuchibiyela umbiko noma ukuwucisha ukuze omunye angawuboni.
UHardwick uthe i-App izokwenza abafundi babike umkhuba owenziwa yiningi labafundi owaziwa nge-sexting, imicimbi engalungile ehlelwe ngabafundi, ukudayiswa kwezidakamizwa, abafundi abanemali eningi ngendlela esolisayo esikoleni nendlela engeyinhle othisha abaziphethe ngayo nokunye.
Uthe zingu-800 izikole kulesi sifundazwe ezitshengise intshisekelo yokuthola i-App.
UNkk Joanne van Niekerk, oke wasebenza kwiChildline KwaZulu-Natal, obuye asebenze ngokuzimela, uthe kuyinkinga ukuhlukunyezwa kwezingane ezikoleni.
“Ukubika kungaveli ukuthi uwena obikile kuzosiza abafundi kodwa okungikhathazayo wukuthi bonke okuzobe kungena kubona bazobe besesikoleni. Kusamele kube nendlela yokuthi kube nomunye umuntu ozimele ozothola lolu lwazi ngoba othishanhloko abafuni izinto ezigcolisa igama lesikole ziphumele
ngaphandle.
“Ngiyangabaza ukuthi lezo zinto ezibikwe ngabafundi ziyofinyelela emaphoyiseni uma kunesidingo,” kusho uNkk Van Niekerk.