IZINYUNYANA zabasebenzi zilichithile ikhwelo elithi abasebenzi kumele bahlale emakhaya ngoLwesihlanu bangenele umbhikisho balwisane nezinguquko ezenziwe nguMengameli Jacob Zuma kwikhabhinethi, okubalwa nokuxoshwa kobenguNgqongqoshe weziMali uMnuz Pravin
Gordhan.
Lo mkhankaso oqale ezinkundleni zokuxhumana ngempelasonto, unxusa abantu bakuleli ukuba babambe iqhaza kule mibhikisho kazwelonke ezoba ngoLwesihlanu, ngo-Ephreli 7.
“Ningayi emsebenzini noma esikoleni ningenzi lutho ngaphandle kokuthi niye emgwaqweni, valani imigwaqo engothelawayeka, enzani noma yini enizozwakalisa ngayo ilaka lenu,” ufundeka kanje umyalezo obusatshalaliswa ezinkundleni zokuxhumana.
Kuwona lo mkhankaso kunxuswa uMengameli Zuma ukuba ashenxe esikhundleni njengoba kukhalwa ngokuba mapeketwane kwesimo sepolitiki, inkohlakalo nokwenzelelwa komndeni wakwaGupta.
Okhulumela iCosatu kuzwelonke uMnuz Sizwe Pamla uthe umfelandawonye wezinyunyana awuyeseki le mibhikisho.