AKUBONA nje kuphela abaculi asebezwakalise ukukhala kwabo ngokudlula emhlabeni kukaLundi Tyamara kodwa neqembu lepolitiki i-EFF likhihla esikaNandi liveza nokuthi ubeyilungu lalo.
Okhulumela iqembu uMnuz Mbuyiseni Ndlozi uthe bazolikhumbula iqhaza likaLundi enhlanganweni yabo.
“ULundi Tyamara ubengowethu. Ubecula futhi enandisa emicimbini ye-EFF ngisho sekunabaculi abashaywa ngesithende futhi begxekwa ngokuzihlanganisa ne-EFF. ULundi ubenathi ngoba ekholelwa enkululekweni yezomnotho,” kusho isitatimende saleli qembu.
NoMengameli walo uMnuz uJulius Malema uthe uyethemba ukuthi noLundi uzohlonishwa njengabanye abaculi abasanda kudlula emhlabeni.
UMengameli Jacob Zuma uthe ukushona kukaLundi kufane nokuwa kweminye yemithi emikhulu kuleli lizwe.
“INingizimu Afrika seyiphinde yagqemeka udume lwengozi ngesikhashana nje esincane. Ubengomunye wezihlabani zomculo wokholo ebezihamba phambili ezakhiqizwa kuleli,” kusho uZuma.
UNgqongqoshe wezobuCiko namaSiko kuleli uMnuz Nathi Mthethwa, uthe uLundi ukwazile ukumela iNingizimu Afrika ngempumelelo ngekhono lakhe. Ukhombisile ukuthi intsha ingakwazi ukwenza umehluko emphakathini.
Akubona abaculi bowokholo kuphela abakhala ngokushona kukaLundi kodwa nabezinye izinhlobo bakhala esifanayo. Inkakha ye-jazz uDorothy Masuku ithe yize ingamsoli uNkulunkulu ngokushona kukaLundi kodwa uhambe kabi esemncane.
“Uyazi yena (uNkulunkulu) ukuthi umthatheleni.”
Owayengunobhala-jikelele weCosatu uMnuz Zwelinzima Vavi uthe indima yomculo seyiphinde yalahlekelwa ngumthente ohlabe usamila.
“Ngizwelana kakhulu nomndeni, abangani nezihlobo. Lala kahle Lundi.” Nomculi we-Afro pop futhi oyilungu leMafikizolo, uNhlanhla Nciza uthe: “Hamba kahle Lundi Tyamara.
“Sengathi umphefumulo wakho othandekayo ungaphumula ingunaphakade. Amazwi enduduzo emndenini nezihlobo. Mphefumulo Wami.”