ONGUNGOTI onamava emculweni wakuleli, uVusi Leeuw, uthe abantu abangabaza ukuthi umculi kamaskandi uMthandeni ‘Igcokama Elisha’ Manqele lizuze iGold Disc basantula ulwazi kule ndima. ULeeuw yinkakha eyaziwayo emculweni ngokuvumbulula abaculi asebehlonishwa kuleli okungoMandoza, TKZee, HHP, DJ Bongz noToya Delazy futhi wasebenza kakhulu nezingwazi oBrenda Fassie, Ray Phiri noRebecca Malope.
ULeeuw ukhuluma kanjena nje yingoba sekusuke impikiswano ezinkundleni zokuxhumana ngeGold Disc yeGcokama eliyithole ngeCD yalo yakamuva ethi Amagolide.
Uthe kufanele ngabe abalandeli bakamaskandi bayaziqhenya ngempumelelo yeGcokama ngoba lidayise amakhophi angaphezu kuka-15 000 ngesikhathi esingaphansi kwenyanga. “Sekuyinto eyivela kancane lena njengoba sekwande imikokotelo. Abaculi abaningi igolide sebelishaya ngemuva kwezinyanga eziyisithupha iCD iphumile,” kusho uLeeuw. Ebuzwa ukuthi kungani eleGcokama lingenaso isigxivizo seRisa, okuyinkampani obekwaziwa ukuthi iyona kuphela egunyaza amaGold Disc, uLeeuw uthe abaculi abaningi sebeyazigayela amaCD futhi sebezimele.
“U-Risa akaseyedwa kodwa sekunenkampani esezingeni elifanayo neleRisa eyasungulwa yizinkampani zomculo ezizimele zakuleli ezazikhala ngokushaywa ngesithende komculo wazo. Akusho ukuthi yonke into kufanele ibe nesigxivizo seRisa. Sekukhona ne-Airco okuchaza ukuthi ngu-Association of Independent Recording Companies. NakumaSama kunemali ekhokhwa ngabangamalungu eRisa nekhokhwa ngabangewona, enkulu kunekhokhwa ngamalungu eRisa. Lokho kuchaza ukuthi noRisa uyazi ukuthi sekunezinkampani ezizimele zomculo. URisa yinhlangano eyakhiwa yizinkampani zaphesheya ezithathwa njengezinkulu kuleli,” kusho yena.
Uthe kusamangaza ukuthi kunabantu abasajabulela ukucindezelwa komculo kamaskandi kuleli. “Buka nje uma umculi kamaskandi ehlukanise unyaka noma edle umhlanganiso emkhakheni weSong of the Year kusasuka umsindo. Abangabaza ukuthi uMthandeni usedayise kangaka basazomangala kakhulu ngoba siqonde kwiPlatnum manje, (okusho ukuthi kufanele adayise amakhophi awu-30 000 kuya phezulu). Abantu abebeseGugu Dlamini Park bakhombisile ukuthi uMthandeni usekuliphi izinga.”
Igcokama Elisha selihamba ezinyathelweni zeNdidane noMgqumeni ngokulandelwa yizinkumbi zabantu. Kucace bha ukuthi Igcokama Elisha alisaconsi phansi kubantu abantu abaningi ngesikhathi litheleka eGugu Dlamini Park eThekwini ngeSonto. Kume yonke into futhi kwaphazamiseka ukusebenza enxanxatheleni yezitolo ngenxa yezinkumbi zabalandeli beGcokama ebezifuna ukuzibonela ngawazo iqhawe lazo ebelizozikhombisa umklomelo ebelisanda kuwuzuza weGold Disc. Lithe okwenze lahlabana ngalo mklomelo, owuthola kuphela uma usudayise amaCD angaphezu kuka15 000, wukuthi abalandeli balo bathenga ezitolo kuphela. “Mina angibagqugquzeli ukuba bawathenge kimi kodwa ngiwayisa ezitolo bese bona bewathenga khona,” kusho Igcokama.
Igcokama Elisha liyingxenye yezihlabani zikamaskandi ezidlana imilala kwiTop 10 yomncintiswano weSolezwe, Ingqwele Kamaskandi. Likubaculi abazobonakala kwikhalenda lomaskandi nabazobe benandisa emcimbini wokumenyezelwa kweNgqwele Kamaskandi.
Abalandeli balo bathe bazolivotela ngobuningi babo.