LISHAYE ungqimphothwe iqembu leDA ngokumiswa kukaNdunankulu waseWestern Cape uNkk Helen Zille njengoba selithi akamiswanga kodwa unikwe izinsukwana ukuthi achaze ukuthi angamiswa ngani.
Lokhu kusuleka ayekubhale kwiTwitter encoma ubandlululo ethi kukhona okuhle elafika nakho.
Umholi weDA uMnuz Mmusi Maimane engxoxweni abenayo nabezindaba eKempton Park eGoli uveze ukuthi uNkk Zille umisiwe. Kodwa uNkk Zille uyakuphika lokhu, ngoba uthi incwadi ebimmisa evela kuSihlalo weFederal Executive Council (FedEx) yeDA, uMnuz James Selfe, ayikusho lokhu.
UNkk Zille izolo unikele enkundleni ayikhonze kakhulu, iTwitter, wafike waveza ukuthi unikwe kuze kube nguJuni 6.
Kepha uMaimane uthi phinde ukumiswa kwakhe sekuqalile vele ukusebenza.
UMaimane uveze ukuthi uZille umisiwe kwimisebenzi yeqembu kuze kube ikomiti leqembu lokuqondisa izigwegwe liphothula uphenyo lwalo ngaye. Sekuphele izinyanga ezimbili isigungu esiphezulu seqembu iDA samthola enecala ngokubhala ukuthi kukhona okuhle ngengcindezelo.
“Ngimnxusile uZille ukuthi axolise kubantu bakuleli naseqenjini ngakusho. Unqabile ngakho uqhubekile nokucekela phansi leli qembu ngezinkulumo zakhe ezingahambisani nombono weqembu. Ikomiti libe selimmisa emisebenzini yeqembu kuze kube kuphothulwa uphenyo lwakhe. Sinxuse ukuthi lolu phenyo lube seqhulwini ngoba abantu bakuleli balindele izimpendulo ngokushesha. UZille uzonikezwa incwadi yakhe yokumiswa maduze,” kusho uMaimane.
Amaqembu ehlukahlukene athi akamiswe nasesikhundleni sobuNdunankulu.