ABABHISHOBHI bamabandla aseZayoni bafuna iqondiswe izigwegwe inyanga esolwa ngokubagabisela ngemali besemthandazweni.
Abaholi bamabandla amaZayoni bathi akwenele ukukhuza ngomlomo inyanga yaseThekwini, uMnuz Andile Dlamini, ovele wangena emcimbini wokwethulwa kweZion TV, eCity Hall, eThekwini ngoMgqibelo ebusuku, eyikizela imali.
Into abakhala ngayo laba baholi ukuthi bebethewele kanzima beshodelwa imali yokuhlela umcimbi kodwa sekuqhamuka uDlamini egqoke imali kodwa engaxhasanga ngalutho.
Umbishobhi webandla lamaZayoni eMandeni ongathandanga ukudalulwa uphume ediniwe ehholo ethi selokhu waqala ukukholwa yena akakaze avumele umuntu acanase kanjena endlini kaNkulunkulu. Lo mbhishobhi ubesho le nyanga njengoba ifike umcimbi usuqalile, abantu sebehleli phansi,.
Kuthe uma ingena abantu baphenduka nayo.
“Abazalwane bazokhohlwa umcimbi balibale ukunaka imali yale ndoda, okokuqala bekumenywe amakholwa wodwa (hhayi izinyanga). Asazi yona iyaphi nale mali ngoba abazalwane bazocabanga izindleko zabo uma beyibona bese bekhohlwa ukuthi bekuthiwani emkhulekweni, “ kubeka umbhishobhi.
Abanye ababhishobhi bathe kumele ithathelwe izinyathelo le nyanga eyona umcimbi weNkosi ngokugabisa ngemali.
Abanye abantu abebehambele umkhuleko bebephuma ngaphakathi beyoshutha nale nyanga nokuyikho okucasule kakhulu ababhishobhi.
Eziphendulela uDlamini uthe akukho okutheni angakusho ngoba yena ubeze emcimbini wamaZayoni ovulelekile ngoba naye akagcini ngokuba yinyanga kuphela kodwa ubuye abe ngumbhishobhi webandla i-Amazing Power of God in Zion Church.
Uthe uyezwa ababhishobhi abamgxekayo ngokugqoka imali kodwa abantu baseThekwini bayamazi ukuthi indlela aziwa ngayo le futhi abanankinga.
Uthe laba babhishobhi kumele bazijwayeze ukuza eThekwini ukuze bamjwayele ngoba asuka kude ezindaweni ezahlukene.
“Bengingaqondile ukuzozidalela amazinyo abushelelezi kwabanye abaholi, ngicela bangibekezelele ngeke ngibathathele abazalwane babo,” kusho uDlamini.