CLOSE X
Advertisement

Iphoyisa libulawe liya emsebenzini

Izindaba
UFUNA kubanjwe abasolwa ngokushesha umndeni wephoyisa lasePhoenix, eThekwini elidutshulwe ngasesitobhini lashona izolo ekuseni.

UCaptain Bheki Simelane (58), obesebenza kwezokuxhumana esiteshini sasePhoyinti, eThekwini udutshulwe amahlandla amabili ngabasolwa abangaziwa.

Kuthiwa bekungu-6 ekuseni esuka emzini wakhe eya esitobhini lapho egibela khona zonke izinsuku ngesikhathi kuqhamuka umsolwa wavulela ngenhlamvu.

Share this story
UCAPTAIN Bheki Simelane odutshulwe elibangise emsebenzini izolo ekuseniUCAPTAIN Bheki Simelane odutshulwe elibangise emsebenzini izolo ekuseni

Kuthiwa kuphele umzuzu kwaqhamuka imoto yohlobo lwe-VW Polo ebomvu lathatha umsolwa lashaya lachitha naye.

Indodana kamufi, uMnuz Sibongiseni Simelane, uthe bafuna amaphoyisa asheshise uphenyo ukuze kuboshwe abasolwa.

“Siwumndeni sifuna abasolwa baboshwe ukuze sazi imbangela yokubulawa kukababa, sifuna bajeze ababulali. Okwamanje ngisematasa akukho okuningi engingakukhuluma. Siphatheke kabi kakhulu njengomndeni,” kusho uSimelane.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbhele, uthe amaphoyisa athungatha abasolwa.

“Amaphoyisa asePhoenix aphenya icala lokubulala ngemuva kokudutshulwa kwephoyisa ebelisendleleni liya emsebenzini. Umufi udutshulwe kabili ebusweni. Akukho okuthathiwe kuye njengoba iselula yakhe nesikhwama semali sitholwe sikuyena. Imbangela yokubulawa kwakhe ayikaziwa,” kusho uMbhele.

Isolezwe lithole ukuthi umufi bekubhekwe ukuba athathe impesheni maduze njengoba ubesesebenze iminyaka engu-35 kulo mbutho.

Umndeni awuzange ukuqinisekise lokho.

Ibamba lomkhuzi wamaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Bheki Langa, lithe kuyadumaza ukubulawa kwephoyisa ebelinikele ngempilo yalo kulo mbutho iminyaka engu-35.

Ibamba lomkhuzi wamaphoyisa kuleli, uLieutenant General Khomotso Phahlane lithe akubekezeleleki ukubulawa kwamaphoyisa ngale ndlela. Wathi abasolwa kumele babanjwe bajeziswe.

Kunxuswe onolwazi ngababulali ukuba ashayele ku: 0860010111 noma athumele i-sms ku-32211.

Umufi uchazwe ngozakwabo embuthweni njengomuntu obewuthanda umsebenzi wakhe. Nasezinkundleni zokuxhumana bekukhona ababhala amazwi enduduzo emndenini bekhala ngokulahlekelwa yiphoyisa ebeliyiqhawe, linomoya ophansi.

USimelane ushiye unkosikazi, izingane nabazukulu.

Share this story
Advertisement
X