NGOLWESITHATHU uNgqongqoshe wezeziMali kuleli, uMnuz Pravin Gordhan, wethule isabelo sezimali sika-2017/18. Ngaso (isabelo sezimali) ukwazile ukukhombisa ukuthi iNingizimu Afrika inawo amasu okulungisa okonakele uma kugxilwa ezinhlelweni ezibekiwe nezizobhekana nezinselelo ezibhekene nabantu bakuleli, kuloba uTANDISIZWE MAHLUTSHANA.
Yize izimemezelo eziningi kulesi sisabelo sezimali zizofaka itwetwe kwabaningi, iningi labantu baseNingizimu Afrika yilo elihlomule kakhulu ngaso.
Isabelo sezimali sikaGordhan siqhamuka esikhathini esibucayi kwezombusazwe njengoba kukhona umdonsiswano wamandla ngaphakathi eqenjini elibusayo, nobonakala uzoba nomthelela kwingomuso loMnyango wezeziMali, ikakhulu uGordhan uqobo lwakhe.
Kepha uGordhan ukhombisile ukuthi akayena umuntu onovalo entanyeni njengoba enze isiqiniseko sokuthi abantu baseNingizimu Afrika abancishwa ithuba lokuzwa ngokuphelele nangendlela engahlonizi ukuhlaziywa kwesimo somnotho wakuleli, nangezinhlelo zikahulumeni namasu ayisa phambili leli lizwe.
Uhlelo lwethu lwezomnotho kuzwelonke kumele lukwazi ukubhekana phakathi kokunye novalo lokwehliswa kwezinga lalo lokukwazi ukukweleta, ukukhula ngonyawo lonwabu komnotho (lapha ekhaya naphesheya), kanjalo nezigameko ezisazokwenzeka kungekudala, nezizoba nomthelela ezinhlelweni zaleli lizwe.
Emqondweni wami iNingizimu Afrika isabhajwe esigabeni somnotho osakhiwa kabusha kulandela ukuchitshiyelwa kwezinqubo zomnotho ezenzeke ngo-2007 kulandela ukuzika komnotho emhlabeni jikelele.
Isikhathi esingaphambi kwalesi, kusukela ngo-1994 sibe nokukhula kakhulu komnotho, obekuholwa wukukhula kwemali etshalwa amabhizinisi azimele nokwanda kwamathuba ebhizinisi, kanjalo nokunyuka kwemali esetshenziswa nguhulumeni.
Ngezizathu ezehlukahlukene lezi zinto ezikhulisa umnotho sezishaye amankeyane, manje sesidinga ukuthola izindlela ezintsha zokufukula umnotho nokuwukhulisa, nokuthi kunqandwe ukusaphazeka kwengqalasizinda ngokuthi kuboshwe isifociya ngamasu amasha okonga nokusebenzisa imali ngendlela ephusile.
Lokhu ngeke kube umqansa ukuthi kwenzeke uma sonke sisebenzisana. Inkulumo kangqongqoshe ibigcwele lo myalezo, njengoba ekuvezile ukuthi “kumele sakhe ukubambisana okusabalele ngokungenamkhawulo ukugqugquzela ukukhula noguquko emnothweni”.
Sikholelwa ukuthi ibambe ngakho, uma kungukuthi sifuna ukuphumelela kulesi sigaba esikuso sokwakha kabusha umnotho.
Ukwakha kabusha umnotho kuzosifinyelelisa kwelinye ibinza elibalulekile ikakhulu kuhulumeni - lelo lokubuyisa ukwethenjwa kukahulumeni ngabantu.
Yiqiniso elingephikwe ukuthi uhulumeni udinga ukusebenzela ukuthi uphinde wethenjwe yizakhamuzi zakuleli njengoba uhulumeni kumele ahlinzeke ngezidingo ezisuselwa enqwabeni yezethembiso zokhetho ebezilokhu zenziwa kule minyaka.
Umkhankaso owaziwa nge#FeesMustFall, imibhikisho yabakhalela ukugqoza kwentuthuko, ukwehla kwezibalo zabantu abaya kovota nokungenami kwabantu nje ngobuholi obukhona konke kuyizimpawu zokuthi ukwethenjwa kukahulumeni noma abaholi kwehlile.
Mhlawumbe okunye okunomthelela kulesi simo esizithola sikuso ukuthi ukukhula komnotho okuke kwenzeka eminyakeni edlule akuhlomulisanga wonke umuntu.
Usayikhumbula iMarikana? Lokhu kuphinde kudale ukungathembani phakathi kukahulumeni nabantu nesivumelwano sokusebenzela abantu esikhona phakathi kukahulumeni, abamabhizinisi nezakhamuzi. Lokhu kugcina kudala igebe lokuthi yithi ngapha yibo ngale.
Uma kukhona umyalezo esingawuthola enkulumweni yesabelo sezimali kangqongqoshe ngukuthi ukuzimisela nokuba nklamunklamu ekwenzeni okulungile, sonke njengezwe singakulungisa okonakele.
Sisonke singalakha kabusha leli lizwe, futhi nakanjani singakwazi ukuthi sizuze lokho okuzohlomulisa wonke umuntu ozibona enesivumelwano nohulumeni.
Ziyagqugquzela kakhulu izinhlelo ezibekwe ezithebeni ngungqongqoshe ukuqeda ungabazane novalo oluyisithiyo kwabamabhizinisi nosomabhizinisi abafuna ukutshala izimali ezizoqinisekisa ikusasa abalifunayo nabalilangazelelayo, bebe belwela uguquko nokulingana emphakathini.
Kunika ithemba futhi ukuthi ugqozi nokuzinikela kuzoqhamuka kubaholi bezepolitiki nabamabhizinisi.
*UTandisiswe Mahlutshana uyisikhulu sezokumaketha enkampanini iPPS Investments. Ubhala lapha gaqa lakhe.