UNOBHALA weSouth African National Civic Organisation (Sanco) KwaZulu-Natal, uMnuz Richard Mkhungo, uthe le nhlangano esifundazweni yeseka uMnuz Cyril Ramaphosa kwesobumengameli uma sekukhethwa ubuholi obuphezulu be-ANC.
Ukusho lokhu esithangamini nabezindaba ebesisemahhovisi ale nhlangano engamadlelandawonye ne-ANC eThekwini izolo.
UMkhungo uthe uRamaphosa uzivezile eseyiPhini likaMengameli ukuthi ukulungele ukuba ngumengameli wombutho kaKhongolose nezwe.
“Kusemlandweni we-ANC ukuthi umuntu obeyiphini likamengameli uba ngumengameli olandelayo uma ihlandla likamengameli ophumayo liphela. Umbutho we-ANC nelakuleli lenze umsebenzi omkhulu ukupheka uRamaphosa elungiselelwa ukuba ngumengameli. Sekungaba wubudedengu uma singamnqabela ithuba lokuba ngumengameli,” kusho uMkhungo.
Uthe beyiSanco bakholwa ngukuthi oseke waba ngundunankulu KwaZulu-Natal uMnuz Senzo Mchunu, ungomunye wabaholi ongabuyisa uzinzo nobunye kwi-ANC uma engajutshwa esikhundleni esisezinhlakeni zesigungu esiphakeme senhlangano. Uveze ukukhathazeka ngoqhekeko olubonakala luya lushuba njengoba kubhekwe engqungqutheleni yokukhetha ubuholi obuphezulu be-ANC, wanxusa abaholi benhlangano ukuthi bacabange izindlela zokulwa nalesi sihlava ngaphambi kwengqungquthela.
UMkhungo uthe nakuba bengazophawula ngokwehla esikhundleni kukaMengameli uZuma kodwa bayakuqonda ukuthi usenze amaphutha amaningi selokhu ethathe izintambo.
“Isigungu esiphezulu se-ANC sinenselelo enkulu esibhekene nayo ngoba noma ngabe yiliphi iphutha elike lenziwa ngumengameli, ulenze sikhona. Kunesikhathi lapho amanye amalungu alesi sigungu akhombise khona izimpawu zokungamethembi kodwa angakuthola ukwesekwa okwanele obekungaholela ekutheni ehliswe,” kusho uMkhungo.