INHLOKO yemigomo kwi-ANC, uMnuz Jeff Radebe, ixwayisa ngokuthi uma inkohlakalo, umbango wezikhundla nomkhuba wokuzicebisa kwamalungu kungasukunyelwa kuzoqhubezela phambili ukufadabala kombutho.
URadebe usho kanje izolo ngesikhathi ethula usomqulo wenhlangano oqukethe izethulo ezahlukene ngaphambi kokuthi kuyiwe engqungqutheleni yemigomo yeqembu ezoba ngoJuni nonyaka.
URadebe uvumile ukuthi kunegebe phakathi kwabaholi namalungu abo.
“I-ANC iphinde yathatha isinqumo sokuthi ibuyekeze iqhinga layo nendlela eyenza ngayo izinto ngenhloso yokubuyisa ithemba emphakathini nakumalungu asedubile ngenxa yezizathu eziningi okubalwa nokwehla kwezinga lenhlangano okhethweni,” kusho uRadebe.
URadebe uphinde waveza ukuthi iqembu liphakamisa ukuthi kube nohlelo oluvulelekile lokukhethwa kobuholi
njengoba kubhekwe engqungqutheleni kazwelonke ezoba ngoDisemba.
Uthe iqembu liphinde laphakamisa ukuthi isibalo samalungu esigungu esiphezulu i-National Executive Committee (NEC) sehliswe nokuthi abaholi baso benze umsebenzi weqembu ngokugcwele.
“Kumele isibalo samalungu eNEC akuhulumeni sehliswe ngo-65% ukwenza isiqiniseko sokuthi abaholi basabalala nezwe,” kusho uRadebe.
Uthe i-ANC seyenze okwanele ukulwa nokuntuleka kwamathuba emisebenzi wathi manje sekuyisikhathi sokuthi kwenyuswe amaholo.
Uqhube wathi baphinde baphakamisa ukuthi kusetshenziswe iSouth African Revenue Service (SARS) kuqoqwe imali kubafundi abebexhaswe yiNational Student Financial Aid Scheme abangasakhokhi.
URadebe uthe lo somqulu usazodluliselwa emagatsheni ukuze awudingide.
“Amagatsha azoba nemihlangano adingide ukuthi wona ami kuphi mayelana nezethulo. Izifundazwe zizohlanganisa izethulo zamagatsha emhlanganweni wokuhlala osezingeni lezifundazwe bese zithunyelwa ekomkhulu le-ANC phakathi nenyanga kaJuni,” kusho uRadebe.