SEYIHLALELE ovalweni ingqalabutho yomculo kamaskandi yase-Eastern Cape, uMlindelwa Mralatya owaziwa ngeleNkunzemdaka ngenxa yempi equbuke phakathi kwabaculi bakulesi sifundazwe abangaMabhinca nokuthiwa bayiziNdlavini.
UNkunzemdaka (59) uthi usinde ngokulambisa kuliwa emcimbini obusesigodini saseQungebe eBhizane muva nje.
“Sithe sisajabula kumnandi kwakhona insizwa engasohlangothini lwabaculi ababizwa ngeziNdlavini, yagwaza insizwa eyiBhinca, okuwuhlangothi mina engikulo njengoba ngiwumculi kamaskandi. Ngithe ngilamula kwakhona nami ongishaya ekhanda ngenduku. Sona isimo sishubile phakathi kwaMabhinca neziNdlavini.
“Okubuhlungu sekukhona abasola mina ngokudala uthuthuva. Kuthiwa yimi ofike nobuBhinca kule ndawo kanti akunjalo, nami ngibufice bukhona ngo-1984.”
Lo mculi owaduma ngengoma ethi Thixo Somandla futhi oke waqopha kaningi noPhuzekhemisi usole ukuthi kunabantu asebequbukelwe wumona ngenxa yempumelelo yakhe.
“Sizondelwa impumelelo yethu,” kusho uNkunzemdaka owakhipha icwecwe lakhe lokuqala ngo-1985 elalithi Ibhubesi Lehlula Amadoda.
Uthe lolu daba seluke lwadingidwa nasenkantolo yesizwe eQhawukeni kodwa kubukeka kunhlanga zimuka nomoya.
“Ngiyacela umphakathi wakithi ukuba wehlise amaphaphu,iphele le mpi ngoba izoze ikhiphe imiphefumulo kungenasidingo.”
UNkunzemdaka ubuye ahlonishwe kakhulu ngokuvumbulula inqwaba yezihlabani zikamaskandi e-Eastern Cape. Ecula noPhuzekhemisi, bakhipha inoni elashisa izikhotha elalithi Sathwala Kanzima.