ISIKHULU esiphezulu sebhange i-Barclays Africa (Absa) uNksz Maria Ramos sixolisile kubantu baseNingizimu Afrika ngeqhaza laleli bhange emkhonyovini wokuntengisa iRandi.
UNkszRamos uxolise esithangamini sabezindaba ebesiseGoli, izolo lapho eveze khona ukuthi iBarclays PLC izokhokha * -R12.8billion uma isihoxa emabhizinisini ayo ase-Afrika.
“Siyaxolisa kakhulu ukuthi iBarclays Group iyathinteka kulolu daba lokuntengantengisa iRandi. Yithina esabikela iCompetition Commission emuva kokuthola ukuthi kunabantu bethu abathinteka kulolu daba. Besilandela umthetho othi makubikwe inkohlakalo yingakho abanecala bezoqondiswa ubugwegwe,” kusho uNksz Ramos.
Ngeledlule iCompetition Commission imemezele ukuthi iphenya amabhange angu-17 ngezinsolo zokuntengisa iRandi kanti ngoMsombuluko iveze ukuthi ibhange laseNevada e-United States, iCitibank lihlawulile lase lithembisa nokusebenzisana nayo.
ICompetition Commission ithole ukuthi kusukela ngo-2007 iCitibank nozakwabo kwezokubhanga bebentengisa iRandi uma bethenga izabelo ezihlanganisa iRandi neDollar laseMelika.
UMnuz Tembinkosi Bonakele weCompetition Commission uthe lokhu bekwenzelwa ukuthi amabhange athenge izabelo ngemali encane kuthi uma esezidayisa zibize ngokweqile ukuze enze inzuzo.
ICitibank ivumile ukukhokha imali engaphezu kuka-R69million ( R69 500 860) yase iphenduka ufakazi ecaleni elibekwe amanye amabhange.
Amanye amabhange aphenywayo yiBank of America Merrill Lynch International Limited, BNP Paribas, JP Morgan Chase & Co, JP Morgan Chase Bank N.A, Investec Ltd, Standard New York Securities Inc., HSBC Bank Plc, Standard Chartered Bank, Credit Suisse Group; Standard Bank of South Africa Ltd, Commerzbank AG; Australia and New Zealand Banking Group Limited, Nomura International Plc., Macquarie Bank Limited, Citibank, ABSA Bank Limited (ABSA), Barclays Capital Inc, Barclays Bank plc.
U-R12.8billion ozokhokhwa abakwaBarclays PLC uma sebephuma kwiBarclays Africa, izocazwa kanje, * -£515million (R8.6billion) uzotshalwa ezinhlelweni zobuchwepheshe, ezokuhlukanisa ibhizinisi lase-Afrika nelase-UK nokwakha isithombe esisha (rebranding).
U-£55million (R0.9billion) no-£195million (R3.3billion) uzosetshenziswa ukuqeda isivumelwano esikhona phakathi kukaBarclays ne-BAGL mayelana nokusebenza e-Afrika esenziwa ngo-2013.