ISIKHULU esiphezulu seDurban Chamber of Commerce and Industry, uNkk Dumile Cele sithe kulahleke izigidi emnothweni waKwaZulu-Natal ngenxa yesiteleka samatekisi, izolo.
UNkk Cele uveze ukuthi abantu abaphumelelanga ukuya emsebenzini izolo. “Abantu abaningi basebenzisa amatekisi ukuya emsebenzini nasezikoleni, uma kunesiteleka kule mboni sonke siyaphazamiseka. Amalungu ethu asitshele ukuthi kufike abantu abambalwa emsebenzini ngoba abaningi abakwazanga ukufinyelela enkabeni yeTheku. AbakwaToyota basibikele ukuthi bayivalile ifemu ngenxa yokuthi bekuvalwe imigwaqo eya eProspecton.”
UMnuz Bhekisisa Nzuza weNational Taxi Alliance uqale ngokuxolisa kubagibeli ethi bona bebazi ukuthi kuzomasha abanikazi bomsebenzi hhayi ukuthi kupakwe wonke amatekisi. “Ukumba eqolo kwezimoto sakulwela ngo-2005 kufika uSiyaya sathi abantu abangawuthengi. UToyota wayethe kuzobuya u-R10 000 kumuntu ngamunye othenge uSiyaya ngempela wayikhipha leyo mali. U-R8million wanikwa iSantaco (omunye) u-R8million wanikezwa iKZN Taxi Alliance kwathiwa kuzokwakhiwa inkampani ezofundisa izingane zethu ngemali eyasala. Ayikho into esiyitholayo ngenkampani okwakuthiwe izofundisa izingane zethu.”
UMnuz Bafana Mhlongo weSouth African Transport Alliance (SATA) uthe kufanele osomatekisi bamashele uhulumeni hhayi uToyota ngoba nguhulumeni owaphasisa ukuthi kuhanjwe ngama-Quantum wathembisa nokuthi uzobonelela osomatekisi ngoxhaso oluthile.