NJENGOBA kuleli sonto izikhungo eziningi ziqale umshikashika wokubhalisa abafundi, iDurban University of Technology (DUT) ithi izobamukela abafundi ababengazifakanga izicelo uma kusekhona izikhala sekuphelile nokubhaliswa.
Amanyuvesi amaningi awabamukeli abafundi abasuke bengazifakanga izicelo ehhovisi iCentral Applications Office (CAO).
Okhulumela iDUT, uMnuz Alan Khan, uthe ukubhaliswa kwabafundi okuqale kuleli sonto kusahamba kahle okwamanje.
“Sizobamukela labo abangazifakanga izicelo uma sekuphothulwe ukubhalisa kodwa uma izikhala zisekhona. Sathola izicelo eziwu-84 855 kodwa thina sinezikhala eziwu-7000 zabazokwenza unyaka wokuqala. Siqeda ngoFebhuwari 4 ukubhalisa,” kusho uKhan.
Unxuse abafundi ukuthi babhalise ngezinsuku ezibekiwe ngoba uma behluleka wukwenza lokho bangazithola bengesenayo indawo.
Uthe kubalulekile ukuthi abafundi babe nemali yokubhalisa engu-R3 420 uma bezobhalisa. Abenza i-semester bona kudingeka babe no-R2 100 wokubhalisa uma bengahlali ngaphakathi. Uma bezohlala ngaphakathi abenza unyaka wonke kudingeka babe no-R6 840 kuthi abenza i-semester bezohlala ngaphakathi kudingeka babe no-R4 200.
Okhulumela inyuvesi yaseZululand, uNksz Gcina Nhleko, uthe ukubhaliswa kwabafundi kusahamba kahle.
Uthe kuvalwa ngoFebhuwari 3 ukubhalisa wathi ababamukeli abafundi abafika bengabhalisile.
“Samukela abantu abafake izicelo kwa-CAO. Ukubhalisa kulabo abazokwenza unyaka wokuqala kuvala kusasa (namhlanje). Kulo nyaka sivivinya uhlelo lokubhalisa online kulabo abenza unyaka wokuqala ukuze kunciphe isiminyaminya,” kusho uNksz Nhleko.
Enyuvesi yaKwaZulu-Natal kusabhalwa izivivinyo zokuchibiyela ezizophothulwa ngoMsombuluko ozayo.
Isimemezelo esikhishelwe abafundi sithe inyuvesi ithole inqwaba yezicelo ngakho isahlunga abafundi ezobamukela.
Ithole izicelo eziwu-89 700 ibe inezikhala eziwu-8 700. Kulabo abafuna ukuba wodokotela ukubhalisa kwavalwa ngoJuni 30 nyakenye.
Uphiko lwezemfundo yilona olwathola izicelo eziningi eziwu-13 700 ibe inezikhala eziwu-1 255. Ezobudokotela izicelo zaziwu-6 200 izikhala zibe ziwu-240. Abafundi bazokhokha * -R3 750 ukubhalisa no-R2 750 wokuhlala ngaphakathi.
Kule nyuvesi kubhaliswa online, ukufunda kuqala ngoFebhuwari 6.
Ukubhalisa eMangosuthu University of Technology wu-R2 000. Ukubhalisa kuyaqhubeka.