INTATHELI YESOLEZWE
IQEMBU lezombusazwe, iNFP, lithi isigebengu esidlule emhlabeni ngoLwesibili emva kokuxinwa ukugula, u-Ananias Mathe, wayevele efanelwe isigwebo sentambo kudala. I-NFP iveze lokhu ngoLwesithathu ntambama esitatimendeni emva kokusabalala kwezindaba zokudlula emhlabeni kukaMathe ngoLwesibili ebusuku. UMathe ushone esibhedlela iKing Edward VIII Hospital emva kokuxinwa ukugula okubikwa ukuthi kuphathelene nenkinga yokugaya ukudla esiswini. Udlule emhlabeni nje uMathe ubekade edonsa isigwebo seminyaka engu-54 ejele ngamacala okubalwa kuwo awokuphanga kuhlonyiwe, ukudlwengula, ukubulala nokugqekeza.
Okhulumela i-NFP KwaZulu-Natal, u-Erickson Zungu, uthe uMathe nezinye izigebengu eziyingozi njengaye emphakathini bafanelwe isigwebo sentambo.
“I-NFP ikholelwa ekutheni izigebengu ezifana noMathe kumele ngabe zithola isigwebo sentambo ngamacala okubulala,” kusho uZungu esitatimendeni.
“Kuyiqiniso elingeliphikiswe ukuthi uhulumeni angakwazi ukonga imali nesikhathi ukube iziboshwa ezinamacala afana nakaMathe zithola isigwebo sentambo. Imali yabakhokhi bentela esetshenziswa zinsuku zonke kuyena ejele ibingasebenza kwezinye izindawo,” kuqhuba yena.
Kuzokhumbuleka ukuthi uMathe waba yisiboshwa sokuqala ukweqa ejele iC-Max ePitoli ngonyaka ka-2006, wabanjwa emva kwenyanga eqile. Ngo-2005 weqa eJohannesburg Central Police Station. Ngonyaka ka-2009 wagwetshwa iminyaka engu-54 ejele emva kokulahlwa amacala angu-64 ayebekwe wona.
UZungu uthe sekuyisikhathi sokuthi uhulumeni uvule inkundla yokuthi abantu baphawule odabeni lwesigwebo sentambo ngoba ayisizi indlela umthetho osebenza ngayo namhlanje.
“Sekuyisikhathi sokuthi uhulumeni ubone ukuthi isicelo sethu sokuthi kubuyekezwe isinqumo ngesigwebo sentambo kuleli asithinti kuphela ukuqondisa ubugwegwe emphakathini, kodwa singehlisa nobugebengu,” kusho yena.