BANINGI abangaba yizisulu zokugebengwa ngenxa yabakufaka ezinkundleni zokuxhumana. Kuthiwa izigebengu sezibheka kuzona ukuthi abantu bakuphi nokuthi banani ukuze zibalandele. Umbiko wocwaningo iCybersecurity Insight muva nje uveze ukuthi bangu-67% abakuleli ababona sekunzima ukugcina imininingwane yabo iyimfihlo ngenxa yezinkundla zokuxhumana.
UMnuz Davie Loots, oyiChief Executive Officer ye-MUA Insurance Acceptances, uthe ukufaka noma yini ezinkundleni zokuxhumana kungakudonsela amanzi ngomsele.
“Izigebengu nazo seziyasizakala ngenxa yokuthuthuka kwezinga lobuchwepheshe. Imininingwane efakwa ngabantu ezinkundleni zokuxhumana nakwi-internet yenza kube lula uma izigebengu zihlela ukuqola. Abantu abangajwayeli ukufaka imininingwane yokuthi bakuphi, benzani nokuthi banani ngoba bangazidonsela ubugebengu,” kusho uLoots.
Akuzona izigebengu kuphela okuthiwa zisebenzisa izinkundla zokuxhumana ukubona ezingabagebenga kodwa nezinkampani zemishwalense. ULoots uthe ezinye izinkampani zibheka ezinkundleni zokuxhumana uma umuntu efake isicelo sokukhokhelwa. Isibonelo ngumuntu onomshwalense wemoto ojwayele ukufaka izithombe zakhe ephuzile. Uma sekwenzeke ingozi abomshwalense babuyela ekhasini lakhe babheke ukuthi ingozi ayidalwanga yini yindlela aziphatha ngayo.
ULoots uthe izinkundla zokuxhumana sezifana nemephu kwabafuna ukwenza ubugebengu.
“Enye i-website eyingozi ekaGoogle Street View. Iveza imigwaqo nengaphandle lendawo umuntu akuyona. Lokhu kwenza ukuthi noma ubani abone ukuthi indawo imi kanjani nokuthi iphephe kangakanani,” kuchaza uLoots.
Wenza isibonelo ngokusanda kwehlela usaziwayo wase-USA uKim Kardashian owahlaselwa yizigebengu wathi kungenzeka ukuthi izinkundla zokuxhumana zaba nomthelela kulokho.
Amathiphu okugwema ukuba yisisulu sobugebengu ezinkundleni zokuxhumana:
Qinisekisa ukuthi unenombolo eyimfihlo oyisebenzisa kwiselula ongena ngayo kwi-internet.
Ungasebenzisi izinombolo eziyimfihlo ezilula njengosuku lokuzalwa.
Ungahlali nenombolo eyimfihlo isikhathi eside ungayishintshanga.
Ungavezi izithombe zezinto zakho ezibizayo.
Ungafaki imininingwane ebalulekile njengekheli lakho nenombolo yocingo.
Ungavezi i-number plate yemoto yakho.
Phuma uma usuqede ukusebenzisa inkundla yokuxhumana ukuze uma kulahleka iselula izimfihlo zakho zingabonakali.