NAKUBA i-IFP ingakayikhulumi indaba yezikhundla
njengoba imatasatasa namalungiselelo ayo engqungquthela yokukhetha ubuholi, kodwa ezikhulunyelwa phansi zithi ushisa phansi umbango wezikhundla
KwaZulu-Natal.
Leli qembu kulindeleke ukuthi ngoDisemba libe nokhetho lobuholi kuzwelonke kodwa oluzokwendlalelwa olwezifunda nezifundazwe.
Umthombo waleli
phephandaba ongashayi eceleni ongaphakathi eqenjini uthi isikhundla esibangwa kakhulu esikaNobhala weqembu esifundazweni futhi sifunwa abaholi abaqavile.
Lo mthombo uveze ukuthi amagama aphambili embangweni wesikhundla elikaMnuz Velenkosini Hlabisa onguNobhala weqembu esifundazweni aphinde abe yiMeya kaMasipala iBig Five Hlabisa.
Kuthiwa uHlabisa lesi sikhundla uphoselwa
inselelo nguMnuz Thamsanqa Ntuli oyiMeya kaMasipala waseNkandla.
Kubuye kuvele
negama likaMnuz Mbangiseni Yengwa oke waba
ngumholi weqembu esifundeni Umzinyathi.
“Laba baholi bonke
sebeqalile ukuvukuza abantu emazingeni aphansi ukuba bebeseke emkhankasweni wabo wokuthola lezi zikhundla.
“Umbango ushisa phansi nakuba kuseyindaba ekhulunyelwa phansi ngoba kusenziwa amalungiselelo,’’ kusho umthombo.
Nakuba ingacaci kahle
indaba yosuku nendawo okuzohlala kuyo izingqungquthela zaleli qembu kulo nyaka kodwa lona lifunga liyagomela ukuthi zizoba khona.
IPhini lomkhulumeli weqembu kuzwelonke uMnuz Joshua Mazibuko uthe iqembu lisematasatasa nokulungisa amaziko ukuze kuyiwe engqungqutheleni konke sekumi ngomumo.
"Uma kuzoba nengqungquthela amaziko asuke ebalulekile ukuthi aqine, kufanele kukhethe nezifunda kuze isifundazwe bese kuba uzwelonke.
“NgoDisemba izoba
khona ingqunguthela,
alukho usuku nendawo
okuqokiwe ngoba kusenziwa amalungiselelo,’’ kusho uMazibuko.
Leli qembu ngonyaka
odlule lihlehlise
ingqungquthela yoPhiko
lwayo lweNtsha likhala ngokulungiselela ukhetho loHulumeni baseKhaya.