KUBOSHWE inyanga yaseChartsworth ebibuye izibize ngomfundisi ngecala lokuthumba umakhelwane wayo.
UMnuz Snenhlanhla Dzanibe okuthiwa uyelapha abuye athi ungumfundisi waseZayoni usolwa ngokuthumba umakhelwane wakhe uMnuz Joshua Phuthuma Mthethwa odume ngelika-Andrew olahleke ngoMsombuluko odlule okungaziwa ukuthi ukuphi kuze kube yimanje.
UDzanibe uvele eNkantolo yeMantshi eChatsworth izolo ngecala lokuthumba ngemuva kokuthi kutholwa ukhiye wemoto kaMthethwa, iselula yakhe kuye ngoMgqibelo.
Kuthiwa uDzanibe odabuka eNdwebu, eHighflats, wafika emzini kaMthethwa ngoMsombuluko odlule wamcela ukuthi amsize amphelezele ngemoto ayolanda udadewabo okhubazekile emijondolo yaKwaGandaganda, eChartsworth.
UNksz Nomalungisa Nomandindi, intombi kaMthethwa uthe isoka lakhe lashiya ukudla ngoba lizitshela ukuthi bazosheshe babuye noDzanibe.
“Kwaphela amahora amabili behambile ngaqala ukufona ngifuna ukubuza ukuthi akasabuyi ngani. Wayengalubambi ucingo, kwaze kwaba yingakusasa. Ngakusasa wathumela umyalezo ethi ngingakhathazeki uphephile,” kusho uNksz Nomandindi.
NgoLwesithathu uthe nakhona ucingo wayengalubambi noma kufona umfowabo. Wathumela omunye umyalezo wathi angatsheli muntu, ube nenkinga washayisa umuntu. Uzobuya ebusuku alethe imoto, ucashe KwaMashu kumngani wakhe.
“Kwangixaka ukuthi kungani engangifoneli angichazele, ngase ngiya emaphoyiseni ngiyobika ukuthi udukile. Satshela nomphakathi ukuthi usifunise. Umsolwa naye ubengabonwa saze sambona ngoLwesithathu ebusuku wathi bahlukana lapho KwaGandaganda ngoMsombuluko,” kusho uNksz Nomandindi.
Umakhelwane, uNksz Nomthandazo Sosibo uthe umphakathi obuphansi phezulu ubheka uMthethwa okhanda izimoto kanti ugcine uqhamuka nesu lokuthi akufonelwe uDzanibe ngabantu abazothi bafuna ukwelashwa.
“Ubethembisa ukuthi usendleleni uyeza kodwa angafiki. Sabona ukuthi lelo qhinga alisebenzi sacabanga elokuthi amadoda aye entombini yakhe ehlala emijondolo eLusaka ,”
Uthe ngoLwesihlanu ebusuku amadoda ayisikhombisa agasela kulo mjondolo awukaka eyodwa yangqongqoza yenza sengathi nayo iyisoka lale ntombi.
Omunye umakhelwane uMnuz Scelo Sosibo uthe uDzanibe wathi uma ezwa ukuthi kukhona izwi lendoda elithi intombi ayivule, wathi entombini, ‘vula nanka amadoda akho’, “Sezwa lapho ukuthi ukhona sakhahlela isicabha samfica ecashe ngaphansi kombhede,” kusho uSosibo.
Umphakathi obugcwele enkantolo ubuthi inkantolo ingamniki ibheyili ngoba uyingozi.
“UDzanibe kumele asho ukuthi uphi uMthethwa noma ngabe useshonile, kulungile,” kusho uNksz Nomandindi.
Icala lihlehlele uMsombuluko ozayo.