UYASHUBA umbango wezikhundla kososeshini abahlukene njengoba kukhethwa ubuholi obusha abanye besalindele ukuqokwa.
NgoMsombuluko ebusuku kubulawe uSihlalo kasoseshini weDolphin Coast, uMnuz Roynold Zitty Stephens (49), engaphandle komuzi kanina eThethe.
UStephens ubengakaqedi nenyanga eqokelwe kulesi sikhundla ngoba uqokwe ekupheleni kuka-Ephreli. Kwenzeka lokhu nje kulo soseshini kuke kwabulawa abebesebuholini okubalwa uMnuz Dan Maharaj owayengunobhala obulawe nyakenye noMnuz Mdu Tony owayengumxhumanisi kasoseshini.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Thembeka Mbhele uthe baphenya icala lokubulala.
“Ngo-6.25 ebusuku umufi ubehlezi emotweni ngaphandle komuzi kanina ngesikhathi kuqhamuka iFord eluhlaza. Abebephakathi bamdubule wadubuleka emhlane, ehlombe nasesandleni. Ayikaziwa imbangela yokubulawa kwakhe,” kusho uMbhele.
Imizamo yokuxhumana nomndeni kamufi ayiphumelelanga izolo. Isolezwe lithole ukuthi isimo simanzonzo kososeshini abaningi njengoba kunokhetho lwezikhundla abanye besanda kubekwa ezikhundleni.
UMnuz Mandla Mzelemu wezokuxhumana nomphakathi kwiSouth African National Taxi Association (Santaco), uthe kunzima njengoba sekuhlaselwa abantu bamatekisi cishe zonke izinsuku.
“Umzila iDolphin Coast uhlale unezigameko zokubulawa kwezikhulu njengoba kuke kwabulawa unobhala ngonyaka odlule. Empeleni njengoba kukhethwa ubuholi obusha abantu siyabatshela ukuthi abayeke ukulwa,” kusho uMzelemu.
UMnuz Nhlanhla Msimango oyilungu le-IFP esiShayamthetho uthe abasembonini yamatekisi basazobulalana ngoba uhulumeni akaziqedi izibhamu ezingekho emthethweni.
“UNgqongqoshe wezokuPhepha eKZN uMnuz Mxolisi Kaunda kumele asungule ithimba elizoqeda izibhamu ezisetshenziselwa ukubulala abantu ,” kusho uMsimango.
Okhulumela uMnyango ka-Kaunda, uMnuz Mluleki Mtungwa uthe ikomiti selisunguliwe. “Kuyaliwa nalesi sihlava sokubulawa kwabantu ematekisini. Kunamathimba azolungisa isimo kososeshini abathintekayo,” kusho uMtungwa.
ISantaco kulindeleke ukuba ikhethe ubuholi eKZN phakathi kuka-Agasti noSepthemba nonyaka.