I-NFP eZululand isizwakalise ukukhathazeka ngokuphepha kwabasebenzi eMkhandlwini waseZululand ngemuva kokubulawa kwelungu layo elidutshulwe lisemsebenzini.
UMnuz Sikholiwe Busani kuthiwa udutshulelwe esephampawosi yamanzi.
Umholi weNFP eZululand, uMnuz Siphamandla Ntombela, uthe bakhathazekile ngokubulawa kukaBusani ngempelasonto.
“Kuyakhathaza futhi kuyadumaza ukuthi kungabulawa umuntu esemagcekeni asemsebenzini, okuyindawo esicabanga ukuthi iphephile ifana nasekhaya,” kusho uNtombela.
Unxuse iziphathimandla zomkhandlu ukuba ziqinise ezokuphepha ukugwema ukuthi isigameko esifana nalesi singaphinde senzeke.
“Kumele luphenywe kabanzi lolu daba ngoba siyabona ukuthi bukhona ubudedengu ngasohlangothini lomqashi ukuthi kungangena umuntu endaweni yokusebenzela afike adubule umsebenzi,” kusho uNtombela.
UNtombela udlulise amazwi enduduzo emndenini kamufi.Okhulumela uMkhandlu waseZululand, uMnuz Musa Mkhize, uthe uzwile ngokubulawa kukaBusani kodwa wanqaba ukwenaba kakhulu wathi akuthintwe uSomlomo uMnuz Sibusiso Nkwanyana.
Imizamo yokuthola uNkwanyana ayizange iphumelele izolo ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa, kanjalo nemizamo yokuthola iMeya inkosi Mzamo Buthelezi nayo ayiphumelelanga ucingo ibingalubambi.
Umthombo weSolezwe kulo mkhandlu uthe abasebenzi bathukile ngemuva kwalesi sigameko.
“Lesi sigameko sikhombisa ukuthi abasebenzi abaphephile emsebenzini, iziphathimandla zomkhandlu kumele kube khona ezikwenzayo ukuqinisekisa ukuphepha kwabasebenzi,” kusho umthombo.
Okhulumela amaphoyisa
KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, uthe amaphoyisa ayaphenya ngalesi sigameko.