YINQWABA yabafana abancane abadlwengulwayo eNingizimu Afrika. Kule nqwaba, yingcosana kuphela ebikayo ngalokhu kuhlukumezeka.
Lokhu kuvezwe okhulumela inhlangano ebhekelela amalungelo ezingane kuzwelonke, iChildline South Africa, uNksz Dumisile Nala.
Empeleni nje, ukudlwengulwa kwabafana kuyalingana nokwamantombazane, ngokusho kukaNksz Nala.
Ubephawula ngemuva kwesehlakalo sakamuva sokuhlukunyezwa ngokocansi kwabafana abaneminyaka esukela ku-15 kuya ku-16 abangaphezulu kuka-20 wuthisha wabo esikoleni, iParktown High, eGoli.
“Okwenza kube sengathi abafana ababaningi abahlukunyezwa ngokocansi, wukuthi bayesaba ukubika izehlakalo zalolu hlobo emaphoyiseni. Ababiki ngisho emakhaya nakubangani. Bakholelwa wukuthi njengabafana kumele bakwazi ukuzibamba bangabiki nanoma yini ngoba kumele bakwazi ukuzivikela. Kungenjalo uthathwa njengomuntu ontekenteke.”
Nakuba ezinhlelweni zabo zokulwa nokuhlukunyezwa kwezingane bengakhethi bulili, uthe okwenzekayo kugxilwa kakhulu emantombazaneni.
“Sekucacile manje ukuthi uma kuhlonyiswa amantombazane ngolwazi lokubhekana nokuhlukumezeka, sekumele sibahlomise ngokufanayo nabafana.”
Uthe lokhu kubalulekile ukuthi akucacise ukuze kufinyelele kuzo zonke izinhlaka, nalezo ezixhasa ukufundiswa kwamantombazane ukuze kwazeke ukuthi nabafana babhekeleke.
Uxwayise abazali ngokuthi bazilalele baphinde bazivikele izingane zabo ukuze zingazitholi sezilalela abahlukumezi.
Uthe okuphawulekayo ngabahlukumezi bezingane, bazinikeza isikhathi esanele sokuthi babe ndawonye nazo ngaphambi kokuthi benze le mikhuba kuzona bese ziyadideka.
“Kumele kube yithina njengabazali esivikela izingane zethu. Asingakubeki emahlombe azo ukuthi zizivikele zona. Kumele sizenze zibe nokuzethemba,” kuchaza uNksz Nala.
Uthe ukunganakwa kwabafana kule nkinga kwandisa isibalo sabesilisa okuthi sebebadala baziphathe ngendlela ethile bese kuvela ukuthi bahlukumezeka ngokocansi besengabafana.
Kuyavela nokho ukuthi lo wumkhuba omubi obuvele wenzeka nakudala kodwa kufihlwa.