KUMBULWA kwembeswa kundunankulu wesizwe sakwaGcumisa kwaSwayimane odutshulwe ngentululwane yezinhlamvu elele emzini wakhe nomzukulu.
UNkk Nokukhanya Magwaza, udadewabo weNkosi eseyakhothama, uNkosiyezwe Gcumisa, uhlaselwe ngamadoda amathathu ngoLwesibili ebusuku. Amadoda kuthiwa aqale afica izingane zikaNkk Magwaza zikha amanzi ngasesangweni ase ecela undunankulu. Izingane ziwatshele ukuthi akekho kodwa angena ngenkani.
Umndeni wakwaGcumisa uthe uthukile ngokuhlaselwa kwelungu lawo ngale ndlela futhi ungasazi isizathu sokudutshulwa kwakhe. Omakhelwane bakwaMagwaza nabo bathe bathuka izanya.
Indodana yeNkosi esihola isizwe, iNkosi Ndumiso Gcumisa, ithe enye indoda ivele yaqonda ekamelweni ebekulele kulo undunankulu yavulela ngenhlamvu.
“Udutshulwe ngeqwaba yezinhlamvu elele nomzukulu oneminyaka emine. Ubezimboze ngengubo. Kwenzeka konke lokhu izingane zakhe ziyabuka. Abadubuli batshele izingane ukuthi bazobuya uma engashonanga. Bahambile, izingane zabe sezibiza amaphoyisa,” kusho uGcumisa.
Uthe abasazi isizathu sokuhlaselwa kukandunankulu ngoba ubengakaze ezwe ngabamsabisayo noma izitha.
Isolezwe lithole ukuthi kunombango ofufusayo ngobukhosi. Umthombo uthe kunabathize abebefuna ukuba baphathe kodwa kwangenzeka njengoba indodana yakhe ilandwe ePitoli ukuba izohola isizwe.
INkosi ekhotheme yashona engozini yemoto ngo-Okthoba 2015. Omunye womndeni ukuqinisekisile ukuthi kukhona ukungabambisani mayelana nokuvela kwegama lenkosi ephethe njengamanje.
“Ukhona wona umbango obonakala ngokungabambisani kahle emndenini. Kukhona abebegaqele isikhundla kanti inkosi yaphakamisa omunye umuntu (indodana yayo eyayithola ngaphandle komshado). Undunankulu ubesondelene kakhulu nomfowabo owashona manje babona sengathi uyena ongabaphakamisanga labo abebefuna ubukhosi,” kusho umthombo.
Inkosazana yeNkosi, uNombuso Gcumisa, ithe ayazi ngombango kodwa kuyenzeka abantu bangaboni ngendlela efanayo kodwa ngeke akhuluma kabanzi ngalokho ngoba wudaba lwabantu abadala.
“Okusiphatha kabi wukuthi kasazi noma siphephile yini njengoba kuhlaselwe umama ngale ndlela. Sinovalo ngoba nathi singadutshulwa. Sicela ukuthula kulesi sizwe nakwaSwayimane wonke,” kusho uNksz Ngcumisa.
Unina kaNkk Magwaza, uNkk Sizakele Gcumisa (undlunkulu) uvele wakhihla isililo ethi usekhathele ukungcwaba izingane zakhe.
UNdlunkulu wayenezingane eziyisishiyagalolunye kodwa sekusele ezintathu - amantombazane amabili nomfana oyedwa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, * -Lt Colonel Thulani Zwane, uthe kuphenywa icala lokuzama ukubulala esiteshini saseWartburg kodwa akekho osaboshiwe.