USASHAQEKILE umndeni ngokubulawa ngesihluku kukababa wekhaya osekhulile, odutshulwe ngabesilisa abangaziwa elande imali yemiqasho aqashise ngayo eClermont, ngeSonto.
UMnuz Mzayifani Nquma Ntshingila (73) wakwa-G KwaMashu, udutshulwe ehamba nenkosikazi yakhe uNkk Bongekile Ntshingila (71) bephuma koqoqa imali emiqashweni. UNkk Ntshingila uthe kuqhamuke amadoda amane ahlasela umyeni wakhe.
“Ngenxa yokuthi ngihamba ngezinduku angikwazi ukushesha, bengimlandela ubaba eyongena emotweni. Kuqhamuke amadoda amkhomba ngesibhamu. Kuhlule noma sengincenga ukuthi bangamdubuli ubaba kodwa bambulala phambi kwami,” kusho uNkk Ntshingila.
Uthe ngemuva kokumdubula amahlandla ambalwa, eselele phansi abasolwa bamkhumule ijakhethi yesikhumba bathatha imali nesibhamu, bashaya bachitha. UNksz Thoko Ntshingila oyindodakazi yakhe ukhale ngokuthi selokhu kwenzeke lesi sehlakalo, unina akakwazi nokudla.
“Kusihlukumezile ukubulawa kukababa ngalolu hlobo. Umama uhlukumezeke kakhulu kangangoba usehlala ekhala,” kusho uNksz Ntshingila.
Kuthiwa uNtshingila uphuthunyiswe emtholampilo waseNew Germany lapho egcine ngokushonela khona.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu Natal, uCaptain Nqobile Gwala usiqinisekisile lesi sigameko.
“Amaphoyisa aphenya icala lokubulala elivulwe esiteshini samaphoyisa KwaDabeka kodwa bekungakaboshwa muntu,” kusho uCaptain Gwala