KUFUNWA abasolwa abathathu abebehlome ngemimese okuthiwa babambe inkunzi isitolo esidayisa ngobucwebe esisenxanxatheleni yezitolo iGateway, eThekwini ngoMsombuluko.
Laba basolwa kuthiwa
baqale ngokubamba unogada obesebenza bamsabisa ngemimese ngaphambi kokuba babhodloze iwindi lesitolo, iCajees
ngesando bashaqa amawashi angabiza u-R1 million bashaya bachitha nawo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu Natal, uLt Colonel Thulani Zwane usiqinisekisile lesi sehlakalo.
“Kuvulwe icala lokubanjwa kwenkunzi nokugqekezwa kwesitolo.
“Icala livulwe esiteshini samaphoyisa esise-Durban North. Bekungakaboshwa muntu kodwa sethemba ukuthi sizokwazi ukuhlonza abasolwa ngosizo lwamakhamera akule nxanxathela yezitolo,” kusho uZwane.
UNkk Shevani Maharaj okhulumela le nxanxathela, ubonge ukusukunyelwa kwalolu daba noxhaso olukhonjiswe yizinhlaka ezingaphakathi kule nxanxathela.
“Lesi sehlakalo sesiphenywa ngamaphoyisa,” kusho uNkk Maharaj.
Kwesinye isigameko esifuze leso, ngempelasonto kushaqwe ubucwebe obulinganiselwa ku-R3 million esitolo esidayisa ngobucwebe esisehhotela eHilton.
Kulesi sigameko esenzeke ngezintatha zangeSonto
kuthiwa kungene abasolwa abebebalelwa kwabayisikhombisa bakhomba onogada ngezibhamu ngaphambi kokuthi bangene emotweni bashaye bachithe nobucwebe.
Nakulesi sigameko bekungakaboshwa muntu, amaphoyisa akuqinisekisile
ukuthi likhona icala elivulwe esiteshini samaphoyisa i-Durban Central.