USIHLALO we-SCOPA ePhalamende uMnuz Themba Godi usezigxekile izinsolo zokusatshiswa ngokufa kwalowo obeyisikhulu esiphezulu kwaSouth African Social Security Agency (Sassa), uMnuz Thokozani Magwaza inkontileka yakhe okumenyezelwe ukuthi iyanqanyulwa izolo.
Esitatimendeni esikhishwe izolo, uGodi uthe ube nengxoxo ende noMagwaza ngeSonto mayelana nezinsolo zokusatshiswa ngokufa.
Uthe baphinde bakhuluma ngenkontileka ephakathi kukaSassa ne-South African Post Office (Sapo) ezongena endaweni ye-CPS.
"Njenge Scopa widumele futhi sidiniwe ngezinsolo zabantu abazama ukusabisa uMagwaza ukuze aphume emsebenzini ukuze kuphazamiseke inkontileka ye-Sassa ne-Sapo ngenhloso yokuvula umnyango wokumosha imali yabakhokhibentela," kusho uGodi.
UGodi uthe ikusasa labantu abangu 17 million abahola impeshini lisengcupheni.
"Siyabona ukuthi uMagwaza uhlasela idlanzana elifuna ukuzenzela umathanda, siyi-Scopa sayamuseka thina, kuyadumaza ukuthi uNgqongqoshe uNksz Bathabile Dlamini akakaze athi vu ngodaba lokusatshiswa kukaMagwaza," kusho uGodi.
UGodi unxuse uNksz Dlamini ukuba abeke phambili lokhu okufunwa nguhulumeni kunokuzicabangela yena.
Esitatimendeni esikhishwe ngoMsombuluko, uMnyango wezokuThuthukisa koMphakathi uthe: "UNgqongqoshe womnyango uNksz Dlamini noMagwaza bavumelana ngokuthi inqanyulwe inkontileka yakhe ngemuva kokuxoxisana kwezinhlangothi zombili obekuholwa iNhloko yoPhiko lwezomthetho u-Advocate Nkosinathi Dladla. Umnyango ufisa ukubonga uMagwaza ngeqhaza lakhe njenge sikhulu eziphezulu, uphinde umfisele inhlanhla nalapho eyakhona"