MLUNGISI GUMEDE
KUHLUKENE imibono mayelana nesabelo-mali esethulwe nguNgqongqoshe weziMali kuleli uMnuz Pravin Gordhan, ePhalamende, izolo.
UMholi we-Freedom Front Plus uMnuz Peter Groenewald uthe lesi sabelo-mali asizona izindaba ezinhle kubakhokhibentela kuleli njengoba kumenyezelwe ukuthi izokwenyuka intela eningi.
UGordhan izolo umemezele ukuthi kuzoba nokwenyuka kwentela okufinyelela ku-R88 billion.
Uthe akukwazi ukuthi abantu bakuleli abangu-55 million bazolokhu beqhubeka nokukhokhela intela abanye abangu 55 million.
UMgcinimafa-Jikelele we-ANC uDkt Zweli Mkhize usishayele ihlombe isabelo-mali sikaGordhan wathi siletha ithemba kubantu bakuleli.
"Isimo sinzima kodwa uNgqongqoshe ukwazile ukwethula isabelo-mali esizinzile esithinta izinto eziningi ezibalulekile kuleli," kusho uMkhize.
Okhulumela i-DA ezindabeni ezithinta ezeziMali ePhalamende uMnuz David Maynier uthe bakhathazekile ngentsha ehleli emakhaya esilahle ithemba ngenxa yokuthi ayiwutholi umsebenzi.
UMaynier uthe badumele ngokuthi uNgqongqoshe akazange aphawule kabanzi ngokuthi ingaqedwa kanjani indaba yokumoshwa kwezimali izikhulu zikahulumeni.
"Yingakho siphakamisa ukuthi kube nohlelo oluqinile oluzobheka indaba yokumoshwa kwezimali izikhulu zikahulumeni," kusho uMaynier.
Uthe ukunqanda ukumoshwa kwezimali kungasiza ezintweni eziningi kubalwa nokudala amathuba emisebenzi.
Thola lonke udaba ephepheni kusasa